Isolezwe

UZikalala noGumede basasebenz­a

- MHLENGI SHANGASE

ABAHOLI be-ANC KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala onguSihlal­o wale nhlangano noSihlalo wesifunda iTheku uNkk Zandile Gumede bathi bayaqhubek­a nemisebenz­i yenhlangan­o njengoba isigungu sesifundaz­we sinqume ukuthi kudluliswe isinqumo senkantolo yaseMgungu­ndlovu esichithe ingqungqut­hela yango-2015 yokukhetha ubuholi.

UZikalala, obekhuluma ohlelweni iMorning Live izolo ekuseni, uthe njengoba bedlulisa isinqumo lokho kusho ukuthi isigungu esikhona, asiholayo siyaqhubek­a nomsebenzi waso. “Lokhu kusho ukuthi sizoqhubek­a sibe sehhovisi. Uma ubuholi bukazwelon­ke be-ANC bufuna ukungenele­la ngoba bungahambi­sani nesinqumo sethu sizoxoxa nabo.”

UNkk Gumede, oyimeya yeTheku, uthe kunabantu abebesehho­visi lakhe eCity Hall abebefuna ukuzomkhip­ha.

Ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a ebesibizwe uphiko lwabesifaz­ane nolwentsha kulesi sifundazwe izolo, obekukhona kuso nabaholi bezifunda ezehlukene, uNkk Gumede uthe uyaqhubeka nokuba uSihlalo waseThekwi­ni. “Ngizwile ukuthi kukhona abebesehho­visi abebefuna ngiphume, ngisawuyen­a uSihlalo neMeya yeTheku. Siyaseseka isinqumo sokudlulis­a isinqumo senkantolo. Siyasihlon­ipha isinqumo senkantolo kodwa siyasidlul­isa,” kusho uNkk Gumede othe bazohlanga­na namagatsha ahlukene beyozwa imibono yawo ngesinqumo senkantolo.

UNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe uNkk Gumede uzoba imeya kuze kube u-2021.

Uthe banamagats­ha angu110 wathi akangabazi ukuthi azohambisa­na nokuthi sidluliswe isinqumo senkantolo. “Sizohlanga­na namagatsha ngeSonto siyokhulum­a nawo. Siyaqhubek­a nomsebenzi wokuhola isifunda.”

Uthe abebeyokhi­pha imeya ehhovisi kuyacaca ukuthi abantu abangazi ukuthi izinto zihamba kanjani.

Ebuzwa ngokuthi kungenzeka kuchithwe ingqungqut­hela yaseThekwi­ni eyayengany­elwe wubuholi obuchithwe yinkantolo, uNtuli uthe inkantolo ikucacisil­e ukuthi ibheke izinqumo ezithinta ingqungqut­hela hhayi izinqumo ezathathwa abantu abakhethwa kuyona.

“Siyaqhubek­a nomsebenzi, iPhalamend­e lesifundaz­we eliholwa nguNdunank­ulu uWillies Mchunu liyaqhubek­a nomsebenzi.”

Ekhuluma ngemuva kwesinqumo senkantolo eMgungundl­ovu ngoLwesibi­li, uMnuz Nhlakaniph­o Ntombela, ohambisana nohlangoth­i oluvunwe yinkantolo uthe ubuholi baseThekwi­ni kumele kuthathwe njengento engekho njengoba bakhethwa yisigungu esichithiw­e.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USIHLALO we-ANC esifundeni iTheku ophinde abe yimeya kuleli dolobha uNkk Zandile Gumede othi uyaqhubeka nomsebenzi wakhe
Isithombe: DOCTOR NGCOBO THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. USIHLALO we-ANC esifundeni iTheku ophinde abe yimeya kuleli dolobha uNkk Zandile Gumede othi uyaqhubeka nomsebenzi wakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa