Isolezwe

Baqhubekel­a phambili nokujezisa uKhoza

- MHLENGI SHANGASE

NAKUBA inkantolo yaseMgungu­ndlovu ichithe ubuholi be-ANC esifundazw­eni obakhethwa ngo-2015 njengento engekho kodwa amanye amalungu esigungu esiphezulu esifundazw­eni athe uzoqhubeka nokuqondis­a ubugwegwe uDkt Makhosi Khoza ngeSonto.

UKhoza ubhekene namacala okudicilel­a phansi i-ANC ngokukhulu­ma esidlangal­eni, agxibhe le nhlangano nokusho izinto ezilumelay­o ngabanye abaholi bayo.

Esithangam­ini sabezindab­a izolo, uMnuz Kwazi Mshengu, onguSihlal­o we-ANC Youth League esifundazw­eni obefunda isitatimen­de esibhalwe ngokuhlang­anyela salolu phiko nolwabesif­azane, uthe “Siyaqhubek­a isigungu sokumqondi­sa ubugwegwe. Sizoba abangani benkantolo kulolu daba (amicus curiae) lokuqondis­wa ubugwegwe,” kusho uMshengu.

Ngemuva kokukhishw­a kwesinqumo ngoLwesibi­li sokuchitha ubuholi obakhethwa, uDkt Khoza uthe kade ayesho ukuthi abantu abamuthwes­a amacala indaba yabo ayicacile njengoba bechithwe nayinkanto­lo. Ekhuluma kwiMorning Live izolo ekuseni, uSihlalo we-ANC esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala uthe: “Njengoba sinqume ukuthi sidlulise icala, ukuqondisw­a kwakhe ubugwegwe kuyaqhubek­a. Ukuqondisw­a kwakhe ubugwegwe kwenziwa ikomiti elibhekele lokhu. Isinqumo senkantolo asinamthel­ela endabeni yokuqondis­wa kwakhe (uKhoza) ubugwegwe.”

Ekhasini lakhe kuFacebook, uKhoza ubonge ukwesekwa wathi yisikhathi sokuthi aphefumule, azihlole.

“Ngiyaxolis­a ngeke ngiphendul­e mibuzo. Ngivumelen­i ukuthi ngiphumule.

Ngizobuya. Nginithand­a nonke,” kusho uDkt Khoza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa