I-ANCYL ayijiki ngokudluliswa kwesinqumo
KUXABENE ubendle kwiANC ngesinqumo senkantolo yaseMgungundlovu esichithe abaholi abakhethwa engqungqutheleni yaKwaZulu-Natal yangoNovemba 2015 njengoba uphiko lwentsha nolwabesifazane kulesi sifundazwe luthi aluyidingi imvume yobuholi bukazwelonke ukudlulisa isinqumo secala.
Ubuholi bukazwelonke buthi i-ANC esifundazweni budinga imvume ngaphambi kokudlulisa isinqumo kodwa abaholi be-ANCYL esifundazweni bahlasele isigungu sikazwelonke ngokuthi asenzanga lutho ngesikhathi kusagqigqwa ezinkantolo kodwa manje sebufuna ukungenelela ekugcineni.
UNobhala we-ANCYL, uMnuz Thanduxolo Sabela uthe akekho ozobatshela ukuthi bangasidlulisi isinqumo senkantolo ngisho nesigungu sikazwelonke.
“Asiyidingi imvume kuzwelonke ukuze sidlulise isinqumo. Uma ubheka icala belibhekene nobuholi besifundazwe, hhayi obukazwelonke. Ubuholi bukazwelonke basilaxaza, basiphuca nabammeli, hambani nibuze kubona ukuthi kungani benza lokhu,” kusho uSabela.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uMnuz Zizi Kodwa, uthe isinqumo sokudlulisa icala kumele sithathwe ubuholi bukazwelonke.
“Isigungu sesifundazwe kumele sivumele ubuholi bukazwelonke busebenze lolu daba. Sizohlangana maduzane nobuholi besifundazwe, abameli bamatasa bacubungula isinqumo senkantolo,” kusho uKodwa.
USabela uthe ngisho begqigqa enkantolo abaholi bazwelonke babengabonwa nangalukhalo.
USihlalo we-ANCYL uMnuz Kwazi Mshengu, uthe abadeleli ubuholi bukazwelonke kodwa bazoxoxa nabo ngalolu daba.
Uthe uma isigungu sikazwelonke sithi akuyiwe engqungqutheleni abanankinga.
“Kunabacabanga ukuthi njengoba sidlulisa lesi sinqumo yingoba sisaba ingqungquthela, asisabi. Singaya nakusasa engqunqutheleni uma i-ANC ingasinika imali,” kusho uMshengu.
Uthe isinqumo senkantolo sithe ingqungquthela yasheshe yahlala kunesikhathi eyayihlelelwe sona.
“Sawina kakhulu kuleya ngqungquthela, cishe ngamavoti evile ku-100. Njengoba sidlulisa isinqumo, isigungu sesifundazwe sisemandleni kuze kuphume isinqumo senkantolo yezokudlulisa amacala,” kuqhuba uMshengu.
Uthe isigungu esikhona sisenamandla kuze kuphume isinqumo senkantolo.
USabela uthe noma isigungu singehla, amalungu azoqhubeka avotele uDkt Nkosazana Dlamini Zuma engqungqutheleni yobuholi ngoDisemba.
“UZikalala uzoqhubeka abe yilungu legatsha eNdwedwe, akuvoti isigungu sesifundazwe engqungqutheleni kodwa kuvota amalungu aqhamuka emagatsheni. UZikalala usenguSihlalo uzokhuluma namalungu entsha KwaDukuza,” kusho uSabela.
UMnuz Peter Dhlomo, womakadebona, uthe abayise i-ANC enkantolo kumele babekwe amacala okuvukela umbuso.