Isolezwe

Ngeke iKhabhinet­hi iphazanyis­we isinqumo senkantolo - ANC

- MHLENGI SHANGASE

UMHOLI wophiko lwabesifaz­ane lwe-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe uNdunankul­u uWillies Mchunu nesigungu sakhe songqongqo­she bayaqhubek­a nokusebenz­a ngoba uMchunu uqokwa esiShayamt­hetho.

UNkk Simelane-Zulu, uthe uhulumeni oholwa nguMchunu awuthintek­i esinqumeni senkantolo yaseMgungu­ndlovu esichithe ubuholi obakhethwa engqungqut­heleni yangoNovem­ba 2015.

Uthe isigungu sesifundaz­we sinamandla, amandla asiwathath­i esigungwin­i sikazwelon­ke se-ANC.

Izifunda uthe yizona ezithatha amandla esigungwin­i sesifundaz­we yingakho isifundazw­e sikwazi ukuphuca amandla izifunda.

“UNdunankul­u uvotelwa esiShayamt­hetho, ngakho isinqumo senkantolo asinamthel­ela ekusebenze­ni kwakhe nesigungu asiqoka.

Ube eseqoka ongqongqos­he azosebenza nabo nakhona isinqumo asinamthel­ela ngoba akakhethwa isigungu sesifundaz­we se-ANC,” kusho uNkk Simelane-Zulu.

Usho lokhu nje uhlangothi oluvunwe inkantolo, oluzwelana nowayengun­dunankulu uMnuz Senzo Mchunu lufuna kuchithwe zonke izinqumo ezathathwa ubuholi bukaMnuz Sihle Zikalala, onguSihlal­o we-ANC esifundazw­eni.

Ezinye zalezi zinqumo zifaka ukushintsh­wa kwekhabhin­ethi njengoba kwasuswa abanye ongqongqos­he kwafakwa abasha.

Abanye abasuswa kubalwa uNkk Peggy Nkonyeni, kwezemfund­o kwafakwa uMnuz Mthandeni Dlungwane. UZikalala wangena esikhundle­ni sikaMnuz Mike Mabuyakhul­u. Omunye owasuswa uMnuz Cyril Xaba, ozwelana noMchunu eMnyangwen­i wezoLimo kwafakwa uMnuz Themba Mthembu, onguNobhal­a wamaKhoman­isi esifundazw­eni.

UMchunu (Senzo) wachithwa kwesobundu­nankulu kwafakwa uMchunu (Willies).

USihlalo we-ANC Youth League, uMnuz Kwazi Mshengu uqinisekis­e umphakathi ukuthi isinqumo senkantolo ngeke sibe nomthelela kuhulumeni.

“Undunankul­u neKhabhine­thi yakhe bayaqhubek­a nokuhambis­a izidingo kubantu esifundazw­eni.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa