Isolezwe

UHolomisa ufuna i-DA ixolise ngolukaBob­ani

- BALDWIN NDABA

UMENGAMELI we-UDM uJenene Bantu Holomisa ufuna isixoliso kumholi weDA uMnuz Mmusi Maimane ngodaba lokuxoshwa kukaMnuz Mongameli Bobani obeyiPhini leMeya kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

Encwadini ayibhalele i-DA, uHolomisa uthe akayiqondi indaba yokukhishw­a kukaBobani ngoba ayizange ibazise ngokwenzek­ayo.

“I-DA isebenzise umbiko ongakakhis­helwa umphakathi yase iphasisa ivoti lokungamet­hembi uBobani.

“Ayikaze isazise ngezinsolo ezibhekisw­e kuBobani iDA njengabant­u esisebenzi­sana nabo kuhulumeni wobambiswa­no.

“Ivele yathi ayisamethe­mbi nje kwaphela uBobani,” kusho uHolomisa.

Ubuze ukuthi uMaimane ubekuphi ngesikhath­i kuxoshwa uBobabi futhi kungani engangenel­elanga kulolu daba.

Uthe ufuna iDA ixolise ngalesi senzo ngoba kufana nokuthi ivote ne-ANC yangabambi­sana ne-UDM ababambise­ne nayo kuhulumeni wobambiswa­no.

“Niwukhohli­sile umphakathi baholi be-DA.

“Sifuna nisihoxise isinqumo senu ngoba sikhombisa ukuthi ninamanga futhi nisebenzis­ana ne-ANC yize ninesivume­lwano nathi,” kusho uHolomisa.

Incwadi uphinde wayidlulis­ela kumholi we-ACDP uRev Kenneth Meshoe, umholi weCope uMnuz Mosiuoa Lekota noweFreedo­m Front Plus uDkt Pieter Groenewald.

Umkhulumel­i kaMaimane uNksz Portia Adams, uthe bazoyibhek­isisa incwadi ngoba isithunyel­we kuMnuz James Selfe.

Ucingo lukaSelfe lukhale lwangabanj­wa kanti akayiphend­ulanga nemibuzo athunyelel­we yona nge-SMS.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa