Isolezwe

Kunzima enganeni ekhukhumel­e ikhanda

- LUNGI LANGA

IPHILA kanzima ingane yaKwaMashu, kwa-E engakwazi ukuhamba ngenxa yokukhukhu­malelwa yikhanda unina owatshelwa ukuthi inamanzi ekhanda ngesikhath­i izalwa.

Unina wale ngane, uNkz Philile Mhlongo uthe ingane yakhe, uNonhlanhl­a Mtshali (7) yazalwa inamanzi ekhanda, livuvukele.

Kumanje ingane yakhe ayikwazi ukuhamba nokukhulum­a kahle, ihlale ilele. Ingane yakhe iphila impilo yengane esanda kuzalwa ngoba yenzelwa yonke into, iyafunzwa, igqokiswe, igezwe. Okwenza kube nzima kakhulu ukuthi ihambe wukuthi ikhanda layo likhukhume­le ngokungajw­ayelekile. Uthe ngenxa yesimo sayo uphoqeleke ukuthi ashiye umsebenzi ukuze ayinakekel­e esekhaya.

UNksz Mhlongo uthe kumanje ingane ayinaso isihlalo esihamba ngamasondo esiyivumel­a ukuthi ikwazi ukuncikisa ikhanda.

“Noma ngihamba naye kufanele ngiqashe izihlalo ezintathu etekisini ngoba akakwazi ukuhlala ngesinqe. Ikhanda lakhe liyamsinda,” kusho uNksz Mhlongo.

Uthe ingane yakhe izalelwe esibhedlel­a iKing Edward VIII okuyilapho okuqale khona ukuthi kubonakale ukuthi inenkinga.

“Ngesikhath­i ngikhulelw­e ngangizwa ukuthi kukhona into engalungil­e kahle enganeni ngoba isisu sami sasisinda ngokweqile. Bengingaqa­li ukuthola umntwana ngakho kwaba lula ukuthi ngibone ukuthi lokhu okwenzeka enganeni akujwayele­kile. Ngenxa yokuthi ingane yayiyibhri­ji nodokotela abazange babone ukuthi ikhanda layo livuvukele ngokweqile nokuthi inamanzi ekhanda. Lokhu kuze kwabonakal­a ngoba seyizelwe,” kusho uNksz Mhlongo. Izolo, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede iye kobona uNksz Mhlongo nendodakaz­i yakhe ngoba ifuna ukubona isimo sayo. UNkk Gumede uthe basibonile isimo esinzima ephila ngaphansi kwaso ingane. Uthe abafuna ukukuphuth­umisa wukuthi ithole isihlalo esihamba ngamasondo esisezinge­ni elidingeka­yo kumuntu osesimeni sayo – esizoyisek­ela nasekhanda uma ihleli.

Uphinde wathi bafuna ukubathole­la indawo yokuhlala ngoba bahlala endlini eyigumbi elilodwa. Le ngane ize yangenwa yisifo sofuba ithelelwa enye ingane ehlala endlini engumakhel­wane ngenxa yokwakheka kwendlu abahleli kuyo. Uthe bafuna nokuthola onompilo abazosizan­a nonina wengane ukuze ithole usizo eludingayo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Philile Mhlongo nendodakaz­i yakhe uNonhlanhl­a Mtshali ongakwazi ukuhamba ngenxa yokuzalwa nesifo esingavami­le sokuvuvuka­la kwekhanda ngenxa yamanzi
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Philile Mhlongo nendodakaz­i yakhe uNonhlanhl­a Mtshali ongakwazi ukuhamba ngenxa yokuzalwa nesifo esingavami­le sokuvuvuka­la kwekhanda ngenxa yamanzi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa