Isolezwe

Kushayelwe ihlombe ukuqokwa kukaTshaba­lala

- BONISWA MOHALE

ISAZI somnotho uSolwazi Bonke Dumisa sikushayel­e ihlombe ukuqokwa koMnuz Sim Tshabalala njengesikh­ulu esiphezulu sebhange elicebe kunawo wonke e-Afrika ngempahla elinayo, iStandard Bank.

UDumisa uthe ukuqokwa kukaTshaba­lala ngoLwesibi­li kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abantu abamnyama basebenza ngokuzikha­ndla futhi benza umsebenzi oncomekayo ezinkampan­ini ezinkulu.

“Akumele sisheshe sijabule sizitshele ukuthi ‘Libuyile’ ngoba ukuqokwa kwesikhulu esiphezulu esimnyama akusho ukuthi kuzoba nezinguquk­o ezinqala,” kusho uDumisa.

Uthe uTshabalal­a akayena umuntu wokuqala ukuphatha ibhange elikhulu kuleli kwazise uMnuz Sizwe Nxasana wayephethe iFNB ngaphambi kokuyophat­ha iNational Student Financial Aid Scheme (Nsfas). Uthe uDkt Ruel Khoza ubenguSihl­alo webhodi labaqondis­i kwaNedbank kodwa azikho izinguquko ezinqala abazilethi­le. “Ukuqokwa kwezikhulu ezimnyama eziwenza kahle umsebenzi yinto enhle futhi okufanele siyijabule­le. Izikhulu ezimnyama zivamise ukusebenzi­sana nezimhloph­e njengoba kwenzeke kuSim ngenxa yokuthi kusekhona lokho ukuthi “abathenjwa kahle ngenxa yobandlulu­lo”. Amasheya akwaStanda­rd Bank ehlelwe yintengo emuva kokumenyez­elwa kukaSim, ngoLwesibi­li,” kusho uDumisa.

Uthe yize amasheya ehliswe nawukuthi inhlangano eklelisa amazwe ngokomnoth­o izwakalise ukungenami ngomnotho waseNingiz­imu Afrika kodwa nokuqokwa kukaTshaba­lala akwamukelw­anga kahle yiwo wonke umuntu.

UTshabalal­a ngumuntu wokuqala omnyama ukuphatha iStandard Bank eneminyaka ewu-154 yasungulwa.

IStandard Bank isebenza emazweni awu-20 e-Afrika. Kudala abantu befuna uTshabalal­a aphathe ngokuzimel­a kusukela ngo-2013.

Enkundleni yokuxhuman­a iTwitter, uNksz Lindiwe Mazibuko owangumhol­i weDA ePhalamend­e uthe: “Simfisela okuhle kodwa uSim Tshabalala esikhundle­ni sakhe,”

UThabo Molefe, odume ngelikaTbo Touch, uthe bekuwukumb­ukela phansi uTshabalal­a ukuthi enze umsebenzi wakhe nomunye umuntu ekubeni ekwazi kahle akwenzayo.

UNgqongqos­he woMnyango weziMali, uMnuz Malusi Gigaba, uthe ukuqokwa kukaTshaba­lala kukhombisa ngokusobal­a ukuthi abantu abamnyama bayakwazi ukwenza umsebenzi osezingeni eliphezulu yize kumthathe iminyaka emine ukuthi aqokwe njengesikh­ulu esizimele.

UMengameli wenhlangan­o yosomabhiz­inisi abamnyama abaphethe izinkampan­i ezinkulu iBlack Management Forum (BMF), uMnuz Mncane Mthunzi, uthe bayajabula ukuthi iStandard Bank ihlonipha ithalente elimnyama.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE ?? HALALA kubafundi beSolezwe asebeziwin­ele amaselula akwaBoost Mobile. Abasesitho­mbeni uMnuz Bheka Mchunu waseNdwedw­e (ngakwesoku­dla), ohalelisel­wa u-Andiswa Siwela osebenza ophikweni lwezokukha­ngisa kwiSolezwe. Omunye owinile ongekho esithomben­i uMnuz...
Isithombe: LEON LESTRADE HALALA kubafundi beSolezwe asebeziwin­ele amaselula akwaBoost Mobile. Abasesitho­mbeni uMnuz Bheka Mchunu waseNdwedw­e (ngakwesoku­dla), ohalelisel­wa u-Andiswa Siwela osebenza ophikweni lwezokukha­ngisa kwiSolezwe. Omunye owinile ongekho esithomben­i uMnuz...
 ?? Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ?? ISIKHULU esiphezulu sakwaStand­ard Bank, uMnuz Tshabalala, ujatshulel­we ngokuqokel­wa kulesi sikhundla azosiphath­a yedwa emuva kokusebenz­isana nozakwabo omhlophe iminyaka emine
Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI ISIKHULU esiphezulu sakwaStand­ard Bank, uMnuz Tshabalala, ujatshulel­we ngokuqokel­wa kulesi sikhundla azosiphath­a yedwa emuva kokusebenz­isana nozakwabo omhlophe iminyaka emine
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa