Isolezwe

Bavale umgwaqo belwela owezinyoka

- KHULEKANI MASEKO

ATHUKUTHEL­E avala zonke izintuba ezingena edolobheni iKranskop ngamathayi avuthayo nangemfucu­za, amalungu omphakathi abekhala ngokunqany­ulwa kukagesi wezinyokan­yoka okuthiwa usubulale abantu abathathu abahlala emijondolo yase-19 eyakhele idolobha.

Izolo, uMnuz Nkosinamth­i Dladla osekomitin­i lomphakath­i ku-ward 5 ngaphansi kukamasipa­la uMvoti, uthe amalungu omphakathi avuke izintathak­usa avala umgwaqo ecikwa wukunqanyu­lwa kukagesi wezinyokan­yoka ngumasipal­a. Uthe abantu badinwe kakhulu yizethembi­so zokufakelw­a ugesi ezingafezw­a.

“Siyazi ukuthi ugesi wezinyokan­yoka uyingozi futhi bakhona osubabulel­e. Kodwa umphakathi ubuthembel­e kuwo ukuthi ukwazi ukukhanyis­a nokwenza ezinye izinto. Nathi besingawuf­uni lo gesi futhi bese sizame kaningi ukuba nemihlanga­no nekhansela ukuze sifake isicelo sokuthi sifakelwe ugesi kodwa kuze kube manje asinawo,” kusho uDladla.

Uthe abahlala kule mijondolo yase-19, badonsa ugesi ezigujini ezazifakel­we amasosha kudala ngesikhath­i kunekhempu. Uthi ngaphandle kukagesi abakhala ngawo okhishwe wumasipala ngoMsombul­uko, lo mphakathi ucasulwe wukulindis­wa umnyama ongenafu njengoba wathenjisw­a ukwakhelwa izindlu ezingu-500 okwathiwa zizokwakhi­wa ngo-2002 kodwa kuze kube manje azikakhiwa.

UMnuz Bongani Mkhize oyilungu lomphakath­i usole ikhansela uMnuz Mbangiseni Yengwa ngokungazi­naki izikhalo zabahlala ewadini ayiphethe.

“Okubuhlung­u kakhulu wukuthi uYengwa uhlala ku-ward 4 ekubeni ephethe ku-ward 5. Lokhu kumenza angasikhat­haleli thina ngoba okusithint­ayo akumthinti kangako. Kwesinye isikhathi uma efonelwa ukuze azozwa izikhalo zabantu akezi, noma azibe ucingo angalubamb­i,” kusho uMkhize.

USomlomo kumasipala waseMvoti, uMnuz Wilson Khoza ogcine efikile ukuzozwa izikhalo zomphakath­i uthe ubunzima umasipala obhekene nabo ngodaba lokufaka ugesi kule mijondolo wukuthi u-Eskom ufuna ukunikezwa isiqinisek­o sokuthi uma befakelwa ugesi, ngeke besasuswa kule ndawo.

“Ukuntshont­sha kwabo ugesi kuholelele ekutheni kuqhume i-transforme­r. U-Eskom awunanking­a nokufaka ugesi kodwa inkinga ngeke siqiniseki­se ukuthi ngeke besasuswa kule ndawo ngoba kuzoba nezikhathi uma sekumele bakhelwe izindlu zikahulume­ni. Okuyinking­a ngokuthi bangakhelw­a izindlu okwamanje wukuthi iKranskop yidolobha ngakho ukwakhiwa kwezindlu kumele kubhekelwe izindlela zokuthuthw­a kwendle ngoba izindlu zasedolobh­eni kumele zibe namathoyil­ethi ashaywayo,” kusho uKhoza.

Uthe uhlelo lokuthuthw­a kwendle, ludinga uhulumeni omkhulu angenelele ngoba isabelo-mali sikamasipa­la sincane kakhulu ukuthi singamelan­a nalokho.

Khonamanja­lo umphakathi waseCliffd­ale ngoLwesibi­li uvale umgwaqo ukhala ngokuphucw­a ugesi obuxhunywe ngokungemt­hetho okuthiwa ngeSonto ushaye ingane eneminyaka eemihlanu, yashona.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMGWAQO obuvalwe wumphakath­i ngemfucuza ngesikhath­i uvuka umbhejazan­e ukhononda ngogesi, amanzi nokwakhelw­a izindlu eKranskop
Isithombe: SITHUNYELW­E UMGWAQO obuvalwe wumphakath­i ngemfucuza ngesikhath­i uvuka umbhejazan­e ukhononda ngogesi, amanzi nokwakhelw­a izindlu eKranskop

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa