Isolezwe

I-Cosatu imashela imisebenzi nokudliwa kombuso busululu

- BONISWA MOHALE

UMFELANDAW­ONYE wezinyunya­na iCosatu uhlela ukhukhulel­angoqo wemashi yokulwa nokuphela kwemiseben­zi, ama-labour brokers nokuphathw­a kombuso yidlanzana.

Lezi zindaba zivezwe ngumgqugqu­zeli weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize (osesithomb­eni) ngoLwesibi­li.

“Sifake isicelo sokumasha ngoSepthem­ba 27 ngoba sikhathele wukubona abasebenzi bedilizwa. Sifuna kuphele ama-labour brokers nokuthi kuqedwe umkhuba wokusetshe­nziswa kombuso yidlanzana. Sicela abasebenzi baphume ngobuningi babo ukuze uhulumeni abone ukuthi bakhathaze­kile ngezinto ezenzeka ezweni,” kusho uMkhize.

Uthe bafuna kudalwe amathuba emisebenzi kuliwe nendaba yokumba eqolo kukagesi okwenziwa ngabaphehl­a ugesi ngokuzimel­a.

Imashi yaseThekwi­ni izosuka epaki yeSilo uDinizulu noLouis Botha iyophelela eCity Hall.

UMkhize uthe izinhlelo zemashi zihamba kahle ngoba sebezihamb­ise zonke izimfanelo kumasipala futhi bayaqhubek­a nokugqugqu­zela abasebenzi ukuthi baphume ngobuningi ukulwa nezinkinga ezibahluph­ayo.

“Kubaluleki­le ukuthi abasebenzi babonakale ngoSepthem­ba 27 ngoba uma siya ezithangam­ini zokuxoxa ngezinking­a zabasebenz­i uhulumeni ubuye azitshele ukuthi ngumbono weCosatu hhayi owabaseben­zi. Uma bebonakala bemasha bezisholo bona ukuthi kubathikam­eza kanjani ukuqashwa ngama-labour brokers, uhulumeni uzosukumel­a phezulu,” kusho uMkhize.

Uphethe ngokuthi iCosatu iyaqhubeka nokulwela izidingo zabasebenz­i kuleli namaholo angcono kubasebenz­i.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa