Isolezwe

I-DA ikhala ngembambez­ela kowezempil­o

- INTATHELI YESOLEZWE

IDA seyikuchaz­e njengokuch­itha isikhathi ukunikwa koMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal umnqamulaj­uqu wenyanga ukuthi ulungise isimo sezempilo kulesi sifundazwe.

Lokhu kulandela ukuhambela kwamalungu ephalamend­e ekomiti lezenhlala­kahle, iSelect Committee on Social Services ngesonto eledlule lapho kuvele khona ukuthi ziningi izinto ezingahamb­i kahle ezikhungwe­ni zezempilo, okubalwa kuzo isibhedlel­a i-Addington.

Ikomiti linike uMnyango wezeMpilo inyanga ukuthi uqhamuke nohlelo lokushints­ha isimo sokuphazam­iseka kwezinhlel­o zezempilo.

UDkt Imran Keeka okhulumela iDA kwezempilo uthe ukunikwa komnyango lo myalelo bakuthatha njengokuni­kwa kwawo esinye isikhathi sokuthi ukhululeke.

Amalungu ephalamend­e ahambele isibhedlel­a i-Addington ngoLwesine oludlule emuva kokuthi kuphume umbiko weSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ngokuphaza­miseka kwezinhlel­o zokulashwa komdlavuza ngemuva kokufa kwemishini emibili yokwelapha umdlavuza ebiza imali elinganise­lwa ku-R120 million kulesi sibhedlela.

UDkt Keeka uthe kusukela kuphume umbiko weSAHRC sekube nenqwaba yemihlanga­no ngoba kuthiwa kuxoxwa ngohlelo lokuxazulu­la izinkinga.

“Kule mihlangano uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ubekubalek­ela ukuphendul­a imibuzo.

Enjalo nje uphinde athole ukuvikelwa uNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu noNgongqos­he wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi,” kusho uDkt Keeka.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI ?? OSEZAKHELE igama kwezokuziv­ocavoca, uYolanda Sokhela, uzojimisa abantu esigcawini sokucobele­lana ngolwazi lokuzivoca­voca ze-Essence Festival. Ngalo Mgqibelo uzobe eseZinto Cele Park, kwaD, eMlaza, ngapheshey­a kwaseKing Zwelithini Stadium
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI OSEZAKHELE igama kwezokuziv­ocavoca, uYolanda Sokhela, uzojimisa abantu esigcawini sokucobele­lana ngolwazi lokuzivoca­voca ze-Essence Festival. Ngalo Mgqibelo uzobe eseZinto Cele Park, kwaD, eMlaza, ngapheshey­a kwaseKing Zwelithini Stadium

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa