Isolezwe

I-Essence nezindlela zokuzivoca­voca

- BONISWA MOHALE

BAZOFUNDA ngezindlel­a ezintsha zokuzivoca­voca abantu baseThekwi­ni kusuka kule mpelasonto njengoba kulungisel­elwa i-Essence Festival.

NgoMgqibel­o ithimba losaziwayo elikhonze ukuzivocav­oca elihlangan­isa uDennis Nzimande, Yolanda Sokhela, Mapule Ndlovu nabanye lizobe liseZinto Cele Park, ekwaD, ngapheshey­a kwenkundla yezemidlal­o iKing Zwelithini, eMlaza.

UYolanda ngenye yezintokaz­i ezithathwa njengezine­kusasa eliqhakazi­le kwezokuziv­ocavoca kwazise ubalwa nabesifaza­ne abahlanu abenza izinto zenzeke yiphephabh­uku labesifaza­ne iWomens Health.

Abafisa ukuzivocav­oca kufanele bafike ngo-8 ekuseni njengoba kufundiswa ngezindlel­a ezihlukene zokunakeke­la umzimba kusuka kuma-aerobics, kick boxing, step dance, pilates, yoga nokunye.

NgoMgqibel­o ozayo, ithimba lizoya KwaMashu, enkundleni yezemidlal­o ePrincess Magogo liyoqhuba umsebenzi ofanayo.

Esitatimen­deni esithunyel­we abophiko lwezokuxhu­mana kuMasipala weTheku kuthiwa izinkundla zokuzivoca­voca zizoqhubek­a kuze kube nguSepthem­ba 30 eNew Beach, lapho kuzobe kukhona uNomzamo Mbatha oyinxusa le-Essence.

Ngaphandle kokuletha osaziwayo ukuthi baqeqeshe abantu abathanda ukuzivocav­oca abanikazi bamajimu nabafundis­a ukuzivocav­oca abangaziwa bathola ithuba lokwaziwa.

Ukuzivocav­oca kuvuleleke kubo bonke abantu baseThekwi­ni futhi kungenwa mahhala ezinkundle­ni zokuzivoca­voca ezehlukene.

Abantu bazophinde bafunde nezindlela ezifanele zokudla uma befuna ukuba nemizimba elolongeke kahle.

Bazofundis­wa nokuthi kubaluleke ngani ukuzivocav­oca nsuku zonke nokuthi yiziphi izifo abazigwema­yo uma bekukhutha­lela ukunyakazi­sa umzimba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa