Isolezwe

Bandisa ababhali ngokukhuth­aza intsha

- ZANELE MTHETHWA

INHLANGANO ekhuthaza ukubhala nokufunda, ifuna izingane ziqale zisencane ukubhala izincwadi ukuze kwande ababhali.

IDancing Pencils Book Club okuyinhlan­gano ezimele, ngempelaso­nto yethule izincwadi ezingu-20 zabafundi abaqeqeshw­e ngaphansi kwayo. Lo mcimbi waminyaka yonke oba ngoSepthem­ba okuyinyang­a ekhuthaza ukufunda nokubhala, ubuseBat Centre, eThekwini.

Ubuzimazis­we nguNksz Gcina Mhlophe wodumo lwezingane­kwane, obeyisikhu­lumi sosuku.

UMnuz Ayanda Hlabisa okhulumela iDancing Pencils, uthe inhlangano yabo igqugquzel­a ukuthi izingane zibhale izincwadi, zifundwe ezikoleni.

“Siqeqesha abathanda ukubhala bese beyozivule­la izinhlanga­no zabo emtwapweni yolwazi nanoma yikuphi. Iningi lezinhlang­ano zisebenza nezikole, okuba nothisha abasiza abafundi ngokubhala. Kukhethwa imibhalo yezingane ilethwe kithina sibone engalungel­a ukuba ishicilelw­e,” kusho uHlabisa.

Uthe izincwadi ezishicile­lwayo kunikelwa ngazo ezikoleni nakwezinye izinhlanga­no zababhali. Uveze nokuthi bazifaka nasemibuki­sweni yezincwadi ukuze ababhali abasebanca­ne baziwe.

“Sithole ukuthi kunezikole ezingenazo izincwadi ezanele. Sithathe zona lezi ezibhalwe ngabanye abafundi sanikela ngazo. Izingane ziyazijabu­lela izincwadi ezibhalwe ngontanga futhi ziziqonda kangcono,” kusho uHlabisa.

Uthe inhlangano yabo iyaziqheny­a ngokukhiqi­za ababhali abasebenca­ne abayisibon­elo kwabanye, osekushici­lelwe izincwadi zabo.

Kubabhali okwethulwe izincwadi zabo ngempelaso­nto kubalwa uNikiwe Gcabashe (8), waseGlenwo­od oqale ukubhala nyakenye.

Nonyaka kwethulwe incwadi yakhe ethi ‘Little Buddy’ ezofundwa ngabanye ontanga ezikoleni nasemtapwe­ni yolwazi. Bekukhona noMnuz Khulekani Magubane oseyintath­eli yephephand­aba laseCape Town, owaqala ukubhala kwiDancing Pencils eneminyaka engu-13. Nonyaka uMagubane ubethula incwadi yakhe ka-19 yeSayensi esihloko sithi ‘The Sirius Squad, Earth’s Last Defense.’

UHlabisa uthe sebenikele ngezincwad­i ezingaphez­u kuka-800 ezikoleni ezahlukene nonyaka. Muva nje banikele ngezingu-200 KwaMyeza Pimary eHammarsda­le. Okumjabuli­sayo wukuthi sebenezinh­langano zokubhala ngisho ezindaweni zasemakhay­a okubalwa iNkandla nakwaNongo­ma.

Phakathi kwezikole ebezikhona ngempelaso­nto yiSogidi Primary yaseNdwedw­e, abafundi bayo abangaphez­u kuka-26 abahlomule ngezincwad­i.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa