Isolezwe

Udla izicoco ngezinkond­lo

- THOKOZANI NDLOVU

UMANGAZE othisha ngokuba nekhono eliyisiman­ga lokuhaya izinkondlo umfundi waseKwenza­kwethu Primary, KwaSwayima­ne osedlulele esigabeni sesifundaz­we emqhudelwa­neni wezobuciko.

USiyamthan­da Zondi (10) owenza uGrade 4 kulesi sikole, uthathe izicoco kulandelan­a ngokuhaya inkondlo esihloko esithi: Albinism.

Namuhla uyoncintis­ana nabanye emqhudelwa­neni wezikole wesifundaz­we saKwaZulu-Natal oseCivic Centre, ePort Shepstone.

Uthisha wakhe, uNksz Ncamisile Khoza, uthe selokhu ehleli endaweni yokuqala kusuka kuqala umqhudelwa­no oqale ngenyanga edlule, ubehlula bonke abafundi bezikole abeqhathwe nabo.

“Uqale ngokuhlula abezikole ezingaphan­si kuka-ward 11 KwaSwayima­ne, wakuphinda lokho ezikoleni kwisekethe. Ukunqoba kwakhe kwisekethe kumbeke ethubeni lokuthi angenele umqhudelwa­no wesifunda nakhona wadla umhlangani­so. NgoLwesine (namuhla) uyoqhudela­na nezikole ezingeni lesifundaz­we ePort Shepstone,” kusho uNksz Khoza.

Uthe yize lo mfundi evele ehlakaniph­ile ekilasini kodwa bebengazit­sheli ukuthi unekhono elingaka kwezobucik­o. Inkondlo ethi: Albinism, uthe ibhalwe uyena uthisha ngenhloso yokufundis­a bonke abafundi ukuhaya kodwa, uSiyamthan­da uvele wagqama kwabanye abafundi ngokuyihay­a kahle.

Uthe yize inamagama amakhulu esingisi kodwa lokho kuwubala kuSiyamtha­nda, ngoba amagama uwaphimisa ngendlela.

Uthe uphinde akhombise nokuthi uyakuqonda akushoyo ngoba uze alingise nangezandl­a.

UNksz Khoza uthe ngisho ehaya le nkondlo exwayisa abantu ukuthi bangababul­ali abanebala elimhlophe, uSiyamthan­da akukho lapho eba namaphutha khona yize inamakhasi amathathu.

Echaza ngempilo yalo mfundi uthe ukhuliswa nguyise yedwa njengoba ashonelwa ngunina esemncane.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UGILA izimanga umfundi omncane uSiyamthan­da Zondi (10) ngokuhaya inkondlo njengoba edla umhlangani­so kuzona zonke izikole aqhathwa nazo
Isithombe: SITHUNYELW­E UGILA izimanga umfundi omncane uSiyamthan­da Zondi (10) ngokuhaya inkondlo njengoba edla umhlangani­so kuzona zonke izikole aqhathwa nazo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa