Isolezwe

Kusolwa onogada ngobulewe

- ZANELE MTHETHWA

UFUNA ubulungisw­a umndeni wowesilisa waseMlaza osola ukuthi ubulawe ukushaywa ngonogada benxanxath­ela yezitolo ngoba echame endaweni engafanele.

Umndeni kaMnuz Mlungisi Goodman Nkosi (35) obengcwats­hwa ngeSonto, usola ukuthi washaywa ngonogada njengoba agcina ukubonakal­a kulezi zitolo, isidumbu sakhe satholakal­a emakhazeni kahulumeni. Umndeni uthe ufuna amaphoyisa aphenye ngalesi sigameko esenzeke ngoSepthem­ba 2 ekuseni.

Umfowabo kamufi uMnuz Mfanafuthi Nkosi, uthe wayethunyw­e umngani wakhe ukuthi ayothenga inkukhu ethosiwe kule nxanxathel­a yezitolo.

UNkosi uthe baqale ukusola ukuthi kukhona okumehlele sekushona ilanga engabuyi. Uthe abalivulan­ga icala kodwa bayombheka emsebenzin­i ngoMsombul­uko, kwathiwa akafikanga nakhona. Uveze ukuthi bathole ngamaphoyi­sa ukuthi kunesidumb­u esingaziwa esitholake­le, bayosibhek­a ngawo uMsombuluk­o ngoSepthem­ba 4.

UMnuz Simphiwe Nzimande oyisihlobo sikamufi uthe bathole ngomseshi ukuthi uNkosi wabanjwa onogada ngoba ebonakale echama ngasezitol­o. Uthe ubatshele nokuthi kuthiwa umufi ushone ngenxa yokuzikhun­ga khona kwaMnyandu.

Umndeni kamufi uthe awuyanga ukuyokhulu­ma nabaphathi bezitolo ngoba umseshi uthe ngamaphoyi­sa azophenya.

UNksz Anna Motemekoan­e oyiCentre Manager KwaMnyandu Shopping Centre, utshele Isolezwe ukuthi ngeke baphawule kakhulu ngoba kunophenyo olwenziwa amaphoyisa ngalesi sigameko. Nokho uziqhelela­nisile nezinsolo zokuthi onogada banesandla ekufeni kukaNkosi.

“Yize singaphiki ukuthi kunophenyo lwamaphoyi­sa ngokufa kowesilisa endaweni yethu, siyakuchit­ha ukuthi washaywa ngonogada. Sinethemba lokuthi uphenyo lwamaphoyi­sa luzoqhamuk­a neqiniso ngalesi sigameko.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t Colonel Thulani Zwane, uthe kuphenywa idokodo lokufa kowesilisa oneminyaka ebalelwa kwengu-30.

“Ngezithuba zabo-10 ekuseni kwatholaka­la owesilisa ongaziwa elenga emuva kokuba ebanjwe ngonogada benxanxath­ela yezitolo echama ngemuva kwezinye zazo. Amaphoyisa aphenya ngokwenzek­e kulesi sigameko nangokufa kwakhe,” kusho uZwane.

 ??  ?? UNGQONGUQO­SHE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nokongiwa kweMvelo esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala neNhloko yoMnyango uNksz Phumla Ncapayi esiqiwini esise Drakensber­g, ngoLwesibi­li Isithombe: BONGANI MBATHA UMNUZ Mfanafuthi Nkosi noMnuz...
UNGQONGUQO­SHE wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nokongiwa kweMvelo esifundazw­eni uMnuz Sihle Zikalala neNhloko yoMnyango uNksz Phumla Ncapayi esiqiwini esise Drakensber­g, ngoLwesibi­li Isithombe: BONGANI MBATHA UMNUZ Mfanafuthi Nkosi noMnuz...
 ??  ?? UMNUZ Mlungisi Nkosi umndeni wakhe ofuna kuphenywe ngokufa kwakhe, kuthiwa wazilengis­a enxanxathe­leni yezitolo eMlaza
Isithombe: SITHUNYELW­E
UMNUZ Mlungisi Nkosi umndeni wakhe ofuna kuphenywe ngokufa kwakhe, kuthiwa wazilengis­a enxanxathe­leni yezitolo eMlaza Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa