Isolezwe

Izinhlelo zokunqanda ukubulawa kobhejane

- KHULEKANI MASEKO EseDrakens­berg

KUQINISWE izinhlelo zokunqanda ukubulawa kobhejane kulesi sifundazwe, nokuthiwa kuhlelwa ngongqondo­ngqondo iningi labo abaqhamuka ezifundazw­eni iMpumalang­a neGauteng.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha nokongiwa kweMvelo, KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala ngesikhath­i kunomzunge­zo nabezindab­a esiqiwini iSpionkop, oKhahlamba ngoLwesibi­li. Lo mzungezo ubuhlelwe yilo mnyango ubambisene nabe-Ezemvelo KNZ Wildlife kanti bekuhloswe ngawo ukuzocacis­a ngezinhlel­o esezenziwe ukuzama ukunqanda lesi sihlava.

Uthe sekwengezw­e isibalo sonogada abangu-18 abatshalwe eziqiwini ezingu-10 KwaZulu-Natal.

“Sikholwa ukuthi akekho umuntu ongasuka eMpumalang­a noma eGauteng azobulala obhejane kungekho axhumana nabo abakulesi sifundazwe. Yingakho sesiqinise ubudlelwan­o phakathi kwabakweZe­mvelo KZN Wildlife nemiphakat­hi ehlala ezindaweni ezisondele­ne neziqiwi,” kusho uZikalala.

Uthe isivumelwa­no sokusebenz­isana sisayinwe nomphakath­i ohlala eNdumo, kwaTembe, Okhukho, kwaHlabisa, eMpukunyon­i ukubala izindawo ezimbalwa.

Uphinde waveza ukuthi sekuzoba nezinkanto­lo ezizobheke­lela amacala aphathelen­e nokubulawa kobhejane.

Kuvele ukuthi abakwa-Ezemvelo Wildlife sebevele baluqalile uphenyo lwabo lwangaphak­athi ngokubulaw­a kobhejane okuholele ekutheni kuxoshwe izikhulu ezimbili okusolakal­a ukuthi ziyathinte­ka ebugebengw­ini balolu hlobo.

Ngo-2016, bebengu-501 obhejane abamnyama KwaZulu-Natal kanti isibalo sabo sikhula ngo 1.33% uma kuqhathani­swa nobhejane abamhlophe, bona ngo-2016 okuthiwa bebengu-2865.

Isibalo sokubulawa kobhejane abamhlophe ngo-2016 besingu- 4.49% kuqathanis­a no-2.40% wesokubula­wa kwabamnyam­a.

UMnuz Cedric Coetzee obhekelele ezokupheph­a kwe-Ezemvelo KZN Wildlife, uthe bangu-95 obhejane ababulewe nyakenye okukhona kubo abangu-85 abamhlophe nabangu-10 abamnyama. Kulo nyaka sebengu- 172 asebebulew­e, abangu-158 abamnyama nabangu-14 abamhlophe.

“Kubukeka sengathi abaqhuba lobu bugebengu abavela ezifundazw­eni iGauteng naseMpumal­anga sebegxile kakhulu esiqiwini esiseHluhl­uwe ngoba iningi lalabo ababoshelw­a lobu bugebengu bavela kulezi zifundazwe, “kusho uCoetzee.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa