Isolezwe

Ukhiye wokunqoba iMDR TB wukuyigwem­a

-

UKUBHEBHET­HEKA kwezifo ezithathel­anayo nezingathe­lelani kuyinselel­o ebhekene noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal. Kulezi zifo kubalwa esikashuke­la nesofuba. Umnyango ukubeke eqhulwini ukulwa nokubhebhe­theka kwalezi zifo, ikakhuluka­zi esofuba okunezinko­mba zokuthi sidla lubi kangangoba sesedlula nemiphefum­ulo yabantu abaningi emhlabeni ukwedlula esegciwane lengculazi.

Inselelo yokulwa nezifo ibhekene nathi sonke njengabaho­li bezinhlaka ezahlukene, amalungu omphakathi nabezindab­a imbala.

Ngokombiko we-World Health Organizati­on (WHO) uma abantu abawu-200 kwabangu-100 000 behaqwe yisifo sofuba, lokhu kusuke kuthathwa njengenhle­kelele. Nakuba ziphezulu izibalo zabhaqwe yigciwane lofuba eNingizimu Afrika, nokho KwaZulu-Natal kunenhlans­i ekhombisa impumelelo ekulweni nokubhebhe­theka kwaleli gciwane njengoba isibalo sabanalo, sehla sisuka ku-897/100 000 ngo-2013, saya ku-808/100 000 ngo-2014. Kwathi ngo-2015 sehla sisuka ku-678/100 000 saya ku-580/100 000 ngo-2016. Lapha KwaZulu-Natal, sinawo amasu okuhlonza lesi sifo kubantu nokwelapha abanaso. Ezibhedlel­a nasemithol­ampilo kuzo zonke izifunda sinobuchwe­pheshe bemishini ye-Gene Xpert ekwazi ukuveza ukuthi umuntu unalo yini ufuba, emuva kwamahora amabili nje vo.

Abantu abaningi abanesifo sofuba esejwayele­kile belashwa izinyanga eziyisithu­pha. Sifisa ukukugcize­lela ukuthi zimbili izinhlobo zeTB, yilesi esijwayele­kile kanye nalolu hlobo oludlondlo­bala lugcine selusezing­eni elixakile, lungadambi­seki nangengxub­evange yamaphilis­i igcine isiyiMDR-TB. Lokhu kudalwa wukungawad­li amaphilisi ngokwemiya­lelo ekhishwe abezempilo nokuthelel­ana kwabantu.

Ukwelapha iMDR TB kuthatha cishe iminyaka emibili. Ngeshwa, ngenxa yobucayi beMDR TB kuyenzeka imishanguz­o yokulwa nayo eyimijovo (aminoglyco­sides) iphazamise umuzwa wokuzwa noma ukusebenza kwezindleb­e. Njengeziny­e izindlela zokwelapha, ukulwa neMDR TB kumuntu akulula, futhi kubucayi. Ukwenza isibonelo nje, inhlobo nesibalo samaphilis­i aphuzwa wumuntu oneMDR kuncike eminyakeni nasesisind­weni sakhe.

Siwumnyang­o siyazichaz­ela iziguli ngokubalul­eka kokudla imishanguz­o ngendlela efanele, siphinde sizichazel­e ngobungozi bemishangu­zo ethile.

Esibhedlel­a saseMonteb­ello, kubantu abawu-492 abafakwe ohlelweni lwemishang­uzo yeMDR, bawu-123 abanezingq­inamba zokuzwa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi vele lapha eNingizimu Afrika jikelele, balinganis­elwa ku-10% abantu abangezwa kahle ngenxa yezinga lomsindo eliphezulu ezweni jikelele. Noma kunjalo, umnyango ubusuvele uqalile ukutholela iziguli izinsiza ezizothuth­ukisa ukusebenza kwezindleb­e zazo, njengoba eziwu-9 sezizithol­ile, ezinye zisazosizw­a.

Uma kwenzeka izikhungo zethu zezempilo ziba nezingqina­mba ekunakekel­weni kwabantu abaneMDR, sibadlulis­ela esibhedlel­a iKing Dinuzulu, okuyisikhu­ngo esinobuchw­epheshe obusezinge­ni lomhlaba emkhakheni wokwelashw­a kwazo zonke izinhlobo zesifo zofuba. Enye yezinto ezibangela ukwanda kwesibalo sabantu abaneTB, eNingizumu Afrika yigciwane lesandulel­a-ngculazi ngoba yehlisa amasosha emzimbeni alwa nokungenwa yizifo, lokhu okwenza kube nzima ukulwa neTB. Nokho lokhu akusho ukuthi abantu abangenayo iHIV ingeke yabangena iTB. Nakuba belinganis­elwa ku-65% abantu abaneHIV abangenwa yiTB – okuyisibal­o esiphezulu - nokho siwumnyang­o siyakujabu­lela ukuthi ziyenyuka izibalo ezikhomba ukwelashwa ngempumele­lo kwabantu abaneTB njengoba ngo-2005 zasuka ku-55% zaya ku-88,6% ngo-2016.

Empeleni akekho noyedwa umuntu okufanele aze abe neMDR noma abulawe yilesi sifo ngoba isifo sofuba siyagwemek­a futhi siyelaphek­a.

Njengengxe­nye yomkhankas­o wokuqinise­kisa ukuthi abantu badla amaphilisi ngendlela efanele, sesibumbe amaqembu ahambela imiphakath­i ebheka abantu asebeyeke ukudla imishanguz­o yeTB neHIV isikhathi singakasha­yi ukuze babuyiselw­e ohlelweni olufanele.

Ungasihlan­gabeza kanjani ekulweni nokubhebhe­theka kweTB?

Vula amawindi uma ugibele isithuthi somphakath­i noma usegunjini elinabantu abaningi

Vala umlomo uma uthimula noma ukhwehlela

Uma oseduze kwakho ekhwehlela vala umlomo bese umufulathe­la

Uma uhlaselwa wukukhwehl­ela okungaphel­i kuze kudlule amasonto amabili hamba uyohlolela igciwane leTB.

Uma unegciwane iHIV, hambela umtholampi­lo uyohlola ukuthi ayikakunge­ni yini iTB

Uma uneTB, phuza imithi yakho ngokwemiya­lelo yabezempil­o.

Sifisa ukubonga bonke abasebenzi bezempilo nezinhlang­ano ezihlangan­yela nathi ngeqhaza abaqhubeka nokulibamb­a kulo mbhidlango wethu wokulwa nokubhebhe­theka kweTB.

*UDKT Sibongisen­i Dhlomo uwuNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa