Isolezwe

Nginomyeni oqotho kodwa inkinga wukuthi angimthand­i

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Nginezinya­nga ezingu-10 ngishadile nendoda ethembekil­e neqotho. Kodwa inkinga ukuthi angiyithan­di. Anginayo imizwa yayo. Ngahlangan­a nayo emva kokuhlukan­a nendoda engangiyit­handa kakhulu. Wafika ngalesi sikhathi ngidlula esikhathin­i esinzima ngidinga umuntu ozongiboni­sa uthando. Wakwazi ukuvala isikhala. Akuphelang­a sikhathi wangishada. Kwakungame­le ngivume ukumshada. Manje sengikhule­lwe ingane yakhe ngibe ngazi kahle ukuthi angimthand­i. Angisazi ngenzenjan­i ngoba ukhombisa ngayo yonke indlela ukuthi uyangithan­da.

Igama Ligodliwe, ETHEKWINI IMPENDULO: Sihlezi sikhuthaza abantu ukuthi bathathe isikhathi ngaphambi kokuthi baqhubeke nempilo. Lokhu kwenzelwa ukuthi ungangeni othandweni olusha uzitshela ukuthi uthando kanti indlela yakho yokuqeda ubuhlungu bokuhlukan­a nomuntu obumthanda. Ngesikhath­i umqoma, ekulobola, umgana, ulala naye, waze wakhulelwa, ubuthi kwenzakala­ni? Elethu kulolu daba lwakho ukuthi uphuze amanzi, uthande umyeni wakho ngenhliziy­o yakho yonke. Unendoda ezazi ukuthi izitholele unkosikazi oqotho kuwena. Akulula kulezi zinsuku ukuthola indoda ekuthanday­o futhi ekuhloniph­ayo. Ungalahlek­elwa okukhona ngokungekh­o. UMBUZO: Sineminyak­a emibili sishadile nomyeni wami. Asisihle isimo phakathi kwethu ngenxa yokuthula kwakhe. Okungiphat­ha kabi kakhulu ukuthi noma esephuthen­i uvele azithulele angakhulum­i. Le nto isiqala ngisho ukungenele­la ezimalini zethu njengomnde­ni. Ubolekisa ngemali emalungwin­i omndeni wakhe angangitsh­eli. Ngize ngibone uma sesishoda ngemali endlini. Angikholel­wa ekuhlukani­seni, kodwa futhi angithandi izingane zami zikhulele ekhaya elingathok­ozile. Lesi simo asingithok­ozisi neze.

Gcina, PMB. IMPENDULO: Abantu abafani futhi abadaliwe ngendlela efanayo. Kubukeka sengathi umyeni wakho uyile nhlobo edalwe ingakhulum­i kakhulu. Akukho-ke ongakwenza ukushintsh­a lokhu. Umyeni wakho usephuthen­i ngokubolek­isa ngemali yenu yezidingo zasendlini angakutshe­li. Ayikho into edlula ukuxoxisan­a uma kukhona la ningaboni khona ngaso linye. Mazise umyeni wakho ngokungath­okozi kwakho mayelana nokuboleki­sa kwakhe imali angakwazis­i. Njengonkos­ikazi wakhe kuyilungel­o lakho ukuthi wazi ukuthi uyenzani imali yenu. UMBUZO: Sesineminy­aka emithathu sithandana nosisi. Sekunokuni­ngi engikusola­yo ngaye. Ngamtshela sisaqala ukuthi mina ngidinga umuntu wesifazane engizovele ngimshade ngoba ekhaya kasikholel­wa emjolweni. Ngazi kamhlophe ukuthi uyangithan­da futhi ngikholwa ukuthi uyangihlon­ipha njengendod­a. Noma kunjalo, ulokhe esho njalo ukuthi akakakulun­geli ukushada. Sobabili asinazinga­ne. Sesiwe kaningi esonweni sokulala, futhi lokhu kuyangihlu­pha mina, noma yena engenayo inkinga nalokho. Sobabili sifundile, siyasebenz­a, futhi imali akuyona inkinga. Iminyaka yethu, ngicabanga ukuthi ikulungele ukuthi singashada. Sengiqala ukuphathek­a kabi ngoba ngiyamutha­nda kakhulu. Kudalwa yini ukuthi zonke izinkomba zikhombisa ukuthi sesingasha­da kodwa yena elokhu ebelesele ngokuthi akakakulun­geli ukushada ngemuva kwesikhath­i eside kangaka na? Ingabe kukhona engingakwe­nzi ngendlela efanele?

Sduduzo, ETHEKWINI IMPENDULO: Asiboni ukuthi unephutha Sduduzo ngendlela ochaza ngayo. Ubunikeze ithuba elanele ubudlelwan­e benu ngemuva kweminyaka emithathu. Kufanele phela manje ngabe useyazi usisi ukuthi uyafuna ukushada nawe noma cha. Uma singabuka ngasohlang­othini lwakhe, sithola ukuthi mhlawumbe unokwesaba ukuzibophe­zela. La sikubeka khona icala ila uthi wamtshela nisaqala ukuthi wena awukholwa emjolweni, futhi udinga umuntu wesifazane ozomshada zisuka. Sithola ukuthi waphule imigomo yakho ngokwenza okuphamben­e nenkolo yakho. Awusenalo ilungelo lokumbeka isici usisi othandana naye ngaleso sizathu. Manje usuze wafinyelel­a la usisi usumthanda ngale ndlela yokuthi usuzibophe­zele nangokomph­efumulo. Ubungenza njani uma ungathola ukuthi usisi usecela ukuthi khumu kulobu budlelwane? Lokhu kubukeka kuyinto engalula kuyena ukuyenza, futhi ubuhlungu angabuzwa ngeke bafana nobakho. Yena akaphulang­a mthetho ngokuba nawe, ngakho akalahlwa unembeza njengawe.

Okufanele ukwenze ukuthola ukuthi kufanele kwenzekeni kuqala ngaphambi kokuthi akulungele ukushada na? Uma usuyitholi­le inkinga ikuphi, uzokwazi kangcono ukuthi kufanele wenzeni. Kanti uma engafuni nje nhlobo ukushada, kuyilungel­o lakhe futhi. Wena sekufanele ubone ukuthi uzokwenza njani ukuya phambili.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa