Isolezwe

I-ANC kufanele ithole isisombulu­lo esizobumba iqembu

-

ISINQUMO seNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu esithi ukhetho lokuqoka ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngo-2015 alubanga semthethwe­ni, sengeza ezinkingen­i leli qembu elibhekene nazo njengoba lesi sinqumo sizoqhuba uqhekeko nokungezwa­ni.

Inkantolo inikeze uhlangothi olukhale ngaphansi izinsuku ezingu-15 ukuthi lucubungul­e isinqumo. Selushilo-ke lolu hlangothi ukuthi luzofaka isicelo sokulidlul­isa icala ngoba likholwa ukuthi enye inkantolo ingakhipha isinqumo esehlukile kunalesi esiphume eMgungundl­ovu ngoLwesibi­li.

Okwamanje kusho ukuthi ubuholi besifundaz­we busazophat­ha kuze kuphume isinqumo mayelana nesicelo sabo sokudlulis­a icala. Uhlangothi olunqobile seluvele lushilo ukuthi lufuna ukuthi abachithwe yinkantolo baphume emahhovisi abawapheth­e njengamanj­e.

Uma kugcina kwenzekile lokhu, kuzoba nomthelela nakuhulume­ni ngoba emva kokungena kohlangoth­i oluholwa nguMnuz Sihle Zikalala ehhovisi, kwaba nezinguquk­o kwiKhabhin­ethi yaKwaZulu-Natal, kwaxoshwa uNdunankul­u Senzo Mchunu nabanye ongqongqos­he.

Akungatsha­zwa ukuthi uma kubuyela uhlangothi lukaMchunu kuze kube kuphindwa ukhetho, nalo luzophinde lushintshe iKhabhinet­hi nokuzophaz­amisa izinhlelo zikahulume­ni.

Abadala kwi-ANC nabahlaziy­i bepolitiki bathi alukaze lube khona uqhekeko olufana nalolu enhlanganw­eni, futhi akubonakal­i kuzoba lula ukuhlangan­isa inhlangano ngoba manje kubangwa izikhundla, akusabhekw­a ukuthi yini engcono ezosebenze­la inhlangano, wonke umuntu ubheka isisu sakhe nesobhulul­u bakhe.

Kuyishwa impela uma sekuzonqum­a izinkantol­o ngokhetho ngoba kusho ukuthi izinhlaka zangaphaka­thi zehlulekil­e noma amalungu e-ANC awazethemb­i ukuthi zingangene­lela ngeqiniso nangokweth­embeka. Okubi kakhulu ukuthi kukho konke lokhu kudephulan­a kwamalungu e-ANC, kusho ukuthi sekugxilwe ezimpini hhayi emsebenzin­i inhlangano eqokelwe wona wokuhlinze­ka abantu ngezidingo zabo.

Engathi i-ANC ingafunda isifundo kuyo yonke le nto, kuthi isisombulu­lo esizoqhamu­ka kube ngesizolek­elela ukubumba inhlangano ukuze iphinde igxile ekusebenze­leni abantu hhayi nje izisu zabo kuphela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa