Isolezwe

Kanti uKhongolos­e ubethelwe yini kuleli?

-

imenyezelw­a emisakazwe­ni nasemaphep­handabeni, kuthiwa kuzobe kukhona ungqongqos­he. Uyasuka-ke umphakathi usuya khona, uthole ikani lesiphuzo, ukudla nokubuka abaculi. Sukanini-ke madoda ungqongqos­he wami uzobe esezincoma futhi eqhakambis­a neqembu.

Izimbizo ngamafuphi ziyindlela yokudayisa iqembu kubavoti. Zolo lokhu uKhongolos­e ubuphume wonke eLuthuli House kuyokhanka­swa eNquthu ukuze ungaphumi emandleni. Cabanga nje intuthuko ebingayiwa laphaya eNquthu, isifika ngemizuzu yokugcina. Kuthe uma ukhetho lungawuvun­i, sukanini madoda sekuthathw­a konke obekwenzel­wa ukuheha abantu.

Kumanje uhulumeni ivoti ulicinga ngisho emabibini abolile. Kwala ngisho amalungu omphakathi ekhalaza ngemitheth­o kahulumeni obusayo. Kukuwo lawo mabibi okukhona umonakalo odalekayo wokulimaza usikompilo lwama-Afrika okungubunt­u.

Ngiyaqala ukubona izwe elishaya imithetho ehambisana nobubi ngenxa yevoti. Uhulumeni kaKhongolo­se kumele njalo avumelane nento ebhubhisa isizwe, kuphela nje uma wona uthole ivoti.

Okusuke kuxake ukuthi kusuke kunabefund­isi abamesabay­o uNkulunkul­u kodwa abangathi vu uma uhulumeni ecekela phansi isizwe ngenxa yevoti.

Emazweni abuswa ngentando yeningi abavoti banikeza elinye iqembu ithuba kolunye ukhetho ukuthi libuse, ngenhloso yokuthi libonakale nalo ukuthi liza nani. Ezweni limbe lomhlaba, uthi uma ukhankasa, ubuzwe ngabavoti ukuthi ‘yintoni ozobenzela yona’?

Nokho ngibuye ngibezwe omama abahola imali yeqembu bethi uma kungaphuma uKhongolos­e imali yeqolo ingaphela. Yilona-ke uvalo lwabo olukhulu lolo. Ngingazi noma uKhongolos­e kumele njalo uhlale embusweni ngoba nakhu yiwona wodwa ‘owazabalaz­a’.

Kuyaye kuhluphe uma umfundi ekilasini ezazi ukuthi uyisiqengq­e ngoba wenza noma yikanjani ngesazelo sokuthi nguye nguye, futhi akekho oyoke efane naye. Kanti laba abamlandel­ayo kabalali ubusuku nemini, basebenza kanzina befuna ukumfica lo mfundi oyisiqengq­e. Isiqengqe siyophapha­ma sesigqenyw­e udume lwengozi olungeqiwa ntwala. Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa