Kanti uKhongolose ubethelwe yini kuleli?
imenyezelwa emisakazweni nasemaphephandabeni, kuthiwa kuzobe kukhona ungqongqoshe. Uyasuka-ke umphakathi usuya khona, uthole ikani lesiphuzo, ukudla nokubuka abaculi. Sukanini-ke madoda ungqongqoshe wami uzobe esezincoma futhi eqhakambisa neqembu.
Izimbizo ngamafuphi ziyindlela yokudayisa iqembu kubavoti. Zolo lokhu uKhongolose ubuphume wonke eLuthuli House kuyokhankaswa eNquthu ukuze ungaphumi emandleni. Cabanga nje intuthuko ebingayiwa laphaya eNquthu, isifika ngemizuzu yokugcina. Kuthe uma ukhetho lungawuvuni, sukanini madoda sekuthathwa konke obekwenzelwa ukuheha abantu.
Kumanje uhulumeni ivoti ulicinga ngisho emabibini abolile. Kwala ngisho amalungu omphakathi ekhalaza ngemithetho kahulumeni obusayo. Kukuwo lawo mabibi okukhona umonakalo odalekayo wokulimaza usikompilo lwama-Afrika okungubuntu.
Ngiyaqala ukubona izwe elishaya imithetho ehambisana nobubi ngenxa yevoti. Uhulumeni kaKhongolose kumele njalo avumelane nento ebhubhisa isizwe, kuphela nje uma wona uthole ivoti.
Okusuke kuxake ukuthi kusuke kunabefundisi abamesabayo uNkulunkulu kodwa abangathi vu uma uhulumeni ecekela phansi isizwe ngenxa yevoti.
Emazweni abuswa ngentando yeningi abavoti banikeza elinye iqembu ithuba kolunye ukhetho ukuthi libuse, ngenhloso yokuthi libonakale nalo ukuthi liza nani. Ezweni limbe lomhlaba, uthi uma ukhankasa, ubuzwe ngabavoti ukuthi ‘yintoni ozobenzela yona’?
Nokho ngibuye ngibezwe omama abahola imali yeqembu bethi uma kungaphuma uKhongolose imali yeqolo ingaphela. Yilona-ke uvalo lwabo olukhulu lolo. Ngingazi noma uKhongolose kumele njalo uhlale embusweni ngoba nakhu yiwona wodwa ‘owazabalaza’.
Kuyaye kuhluphe uma umfundi ekilasini ezazi ukuthi uyisiqengqe ngoba wenza noma yikanjani ngesazelo sokuthi nguye nguye, futhi akekho oyoke efane naye. Kanti laba abamlandelayo kabalali ubusuku nemini, basebenza kanzina befuna ukumfica lo mfundi oyisiqengqe. Isiqengqe siyophaphama sesigqenywe udume lwengozi olungeqiwa ntwala. Yisemkhulu Nzimande EPORT SHEPSTONE