Kusolwa onogada ngobulewe
UFUNA ubulungiswa umndeni wowesilisa waseMlaza osola ukuthi ubulawe ukushaywa ngonogada benxanxathela yezitolo ngoba echame endaweni engafanele.
Umndeni kaMnuz Mlungisi Goodman Nkosi (35) obengcwatshwa ngeSonto, usola ukuthi washaywa ngonogada njengoba agcina ukubonakala kulezi zitolo, isidumbu sakhe satholakala emakhazeni kahulumeni. Umndeni uthe ufuna amaphoyisa aphenye ngalesi sigameko esenzeke ngoSepthemba 2 ekuseni.
Umfowabo kamufi uMnuz Mfanafuthi Nkosi, uthe wayethunywe umngani wakhe ukuthi ayothenga inkukhu ethosiwe kule nxanxathela yezitolo.
UNkosi uthe baqale ukusola ukuthi kukhona okumehlele sekushona ilanga engabuyi. Uthe abalivulanga icala kodwa bayombheka emsebenzini ngoMsombuluko, kwathiwa akafikanga nakhona. Uveze ukuthi bathole ngamaphoyisa ukuthi kunesidumbu esingaziwa esitholakele, bayosibheka ngawo uMsombuluko ngoSepthemba 4.
UMnuz Simphiwe Nzimande oyisihlobo sikamufi uthe bathole ngomseshi ukuthi uNkosi wabanjwa onogada ngoba ebonakale echama ngasezitolo. Uthe ubatshele nokuthi kuthiwa umufi ushone ngenxa yokuzikhunga khona kwaMnyandu.
Umndeni kamufi uthe awuyanga ukuyokhuluma nabaphathi bezitolo ngoba umseshi uthe ngamaphoyisa azophenya.
UNksz Anna Motemekoane oyiCentre Manager KwaMnyandu Shopping Centre, utshele Isolezwe ukuthi ngeke baphawule kakhulu ngoba kunophenyo olwenziwa amaphoyisa ngalesi sigameko. Nokho uziqhelelanisile nezinsolo zokuthi onogada banesandla ekufeni kukaNkosi.
“Yize singaphiki ukuthi kunophenyo lwamaphoyisa ngokufa kowesilisa endaweni yethu, siyakuchitha ukuthi washaywa ngonogada. Sinethemba lokuthi uphenyo lwamaphoyisa luzoqhamuka neqiniso ngalesi sigameko.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe kuphenywa idokodo lokufa kowesilisa oneminyaka ebalelwa kwengu-30.
“Ngezithuba zabo-10 ekuseni kwatholakala owesilisa ongaziwa elenga emuva kokuba ebanjwe ngonogada benxanxathela yezitolo echama ngemuva kwezinye zazo. Amaphoyisa aphenya ngokwenzeke kulesi sigameko nangokufa kwakhe,” kusho uZwane.