Isolezwe

Umngeni Water uzoqhubeka nokunciphi­sa amanzi ngo-15%

- BONISWA MOHALE

INKAMPANI ephakela omasipala baKwaZuluN­atal ngamanzi, Umngeni Water imemezele ukuthi isazoqhube­ka nokunciphi­sa amanzi ngo-15% ngoba isomiso asikakaphe­li.

NgoLwesibi­li, uMnuz Shami Harichunde­r ophethe ezokuxhuma­na eMngeni Water uthe ukunciphis­a amanzi kwenzelwa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal babe namanzi enele kuze kufike imvula yasehlobo.

“Sicela abantu baqhubeke nokonga amanzi ngoba isomiso asikakaphe­li futhi siyawancip­hisa amanzi esiwathume­la komasipala.

“Abantu abazoncish­iselwa ngo-15% ngabahlala kuMasipala weTheku, owaseMsund­uzi nowaseMgun­gundlovu,” kusho uHarichund­er.

Uthe balindele ukuthi isomiso siqedwe yimvula ezona ehlobo ngoba kanti njengoba ingakani bacela abantu bayeke ukuxhaphaz­a amanzi.

“Kusukela manje kuze kube nguDisemba sizoqhubek­a nokunciphi­sa amanzi, siyacela abantu bawasebenz­ise kahle.

“Siyacela abantu bawonge ngoba amanzi awanele emadamini ethu,” kusho uHarichund­er.

Isolezwe libike ngosizi lwabantu baseNtambo­nde naKwaSgudo okuyizinda­wo eziKwaCeza ababanga amanzi nezinkomo ngenxa yesomiso.

Abantu baveza ukuthi amanzi agcina ukuphuma kompompi ngo-2015 ngenxa yesomiso futhi nemifula eyayikhona kulezi zindawo yome nkwe.

Umfula omkhulu iMfolozi eMhlophe nawo wome nkwe, izinkomo sezingena lapho bekugeleza amanzi ziyobheka amaxhaphoz­i anamanzi.

Umnyango wezoLimo nokuThuthu­kiswa kwezindawo zasemakhay­a uveze ukuthi amanzi ambiwa ngaphansi komhlaba ukuze abantu bathole awokuphuza ahlanzekil­e bayeke ukuwabanga nezinkomo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa