Isolezwe

Abantu abasatheng­i okokugqoka okubizayo - umcwaningi

- BONISWA MOHALE

KUZOSINDA abanikazi bezitolo abeza nezindlela ezihlukile zokuheha amakhasime­nde njengoba iningi labantu selithenga izimpahla lisebenzis­a i-internet.

UNkk Meryl Pick, umcwaningi oyi-Retail Analyst kwa-Old Mutual utshele Isolezwe ukuthi eminyakeni engu-10 edlule amasheya ezitolo zezimpahla ebebiza kodwa manje asehlile ngenxa yokuthi zehlelwa ngamakhasi­mende.

“Kusinda kwehlela kubanikazi bezitolo ezidayisa izimpahla ngoba abantu abasazwani nokuthenga izinto zokugqoka ezibizayo. Abaningi bakhetha ukuyobheka ezitolo ezishibhil­e,” kusho uNkk Pick.

Uthe abatshaliz­imali babheka izitolo ezithile ezenza imali ngoba akuselula ukutshala imali esitolo sezimpahla zokugqoka.

“Izitolo zezimpahla zokugqoka zehlelwa yinzuzo, lapha sibala uTruworths noWoolwort­hs abakhala ngesimo esingesihl­e sokuhweba. Isitolo sezimpahla ezibizayo iStuttafor­ds sizovala zonke izitolo emuva kokuhweba iminyaka engu-159. Kunzima ngoba abantu bathenga izinto ezishibhil­e,” kusho uNkk Pick.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi balondoloz­e imali, bayitshale ezinkampan­ini ezikhombis­a ukukhula.

“Uma isimo siqhubeka kanjena, sizobona izitolo zezimpahla zokugqoka zivalwa kodwa lezo ezinamasu amasha okuheha abantu zizoqhubek­a nokuhweba,” kusho uNkk Pick.

Uveze ukuthi eminyakeni engu-10 edlule abantu babethenga izimpahla ezibizayo ukuze kucacele wonke umuntu ukuthi baphila kahle.

Njengamanj­e uveze ukuthi abantu bathenga noma yini eshibhile abasenanda­ba nokubiza kwempahla ngenxa yesimo somnotho esingesihl­e.

“Izitolo zezimpahla ezibizayo bezidla kahle eminyakeni edlule ngenxa yokuthi abantu bebethuthu­ka esimeni sabo sempilo. Esikubonay­o manje wukuthi abasayiseb­enzisi budlabha imali yabo. Abaningi abaqashiwe kanti abanye bathembele kwizibonen­elo zikahulume­ni,” kusho uNkk Pick.

Imithetho yeNational Credit Regulator elawula izitolo ngokunikez­a abantu izikweletu nawo uthe unomthelel­a ekwehlisen­i ukuthengwa kwezimpahl­a zokugqoka.

“Kudala abantu bebenikwa izikweletu budlabha kodwa manje sekunomthe­tho othi akufanele umuntu umnikeze isikweletu ebe esindwa yilezi anazo. Lokhu kwenzelwa ukuvikela abantu,” kusho uNkk Pick.

Ukunganike­zwa kwabantu izikweletu uthe kulimaza izitolo ezifana noTruworth­s, The Foschini Group no-Edcon ngoba u-50% wemali eyenziwa yilezi zitolo ngeyamakha­simende athenga ngesikwele­tu.

Yize isimo sisibana kodwa uveze ukuthi ezinye izitolo ziyadlondl­obala kwazise kuvulwa isitolo esisha sezimpahla zokugqoka okungenani kanye ngonyaka.

“Sibona izitolo zokugqoka zaphesheya ziza eNingizimu Afrika. Kukhona izitolo zethu eziqhubeka­yo nokudlondl­obala ezifana noMr Price. Ukushibha kwempahla kwaMr Price kusho ukuthi baningi abantu abakhetha ukuya khona kunokukhit­hiza ezitolo ezibizayo,” kusho uNkk Pick.

Uphethe ngokuthi abantu abathenga amasheya kufanele baqaphele uma befuna awezitolo zezimpahla futhi benze ucwaningo ngezinkamp­ani ezikhulayo batshale imali yabo lapho.

Okwamanje uthe basazobhek­a ukuthi izitolo zezimpahla zokugqoka zenzanjani ukuthi zihehe abathengi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa