Isolezwe

UMthalane uzokwehlis­a ingcindezi ngowaseGha­na

- ZAKHELE XABA

UMPETHA we-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) flyweight, uMoruti “Babyface” Mthalane, uthole ithuba lokwehlisa ingcindezi abhekene nayo yokuthola impi yokuvikela isicoco sakhe ngempi azoyilwa no-Isaac “Pretty Boy Junior” Quaye waseGhana.

Ezinyangen­i ezedlule uMthalane ubebalisa ngokuthi unovalo lokuthi i-IBO izomephuca ibhande lakhe ngenxa yokungaliv­ikeli. Ugcine ukungena eringini ngo-Ephreli ehlula ngomngqimu­zo womlalisa phansi uGenisis Libranza wasePhilip­pines empini ebikade iseGauteng.

UMthalane uthe ikhona lakhe libhalele i-IBO liyazisa ukuthi akakayitho­li impi yokuvikela ibhande lakhe njengokwem­iyalelo yayo kodwa uzolwa impi yemizulisw­ano ewu-10 no-Isaac “Pretty Boy Junior” Quaye waseGhana ngoSepthem­ba 24, e-Eldorado Park, eGauteng. Impi izoba ngeyosuku kwezihlelw­e yiVictory Promotions.

“Sibhalele i-IBO sayazisa ukuthi okwamanje sizolwa impi yemizulisw­ano ewu-10 futhi ayibanga nankinga nalokho. Obekubalul­ekile wukuthi sibazise ngoba siphethe ibhande labo,” kusho uMthalane.

“Okubalulek­e kunakho konke kimina wukungena eringini. Kodwa ngale mpi ngizophind­e ngisizakal­e ngokuthi nginyuke ezilingani­sweni nokuzongib­eka ethubeni lokulwela amabhande angaphezul­u. Ngizilungi­selele kakhulu.”

UMthalane, oveze ukuthi usebheke ekusiyeken­i isibhakela ngenxa yokwentula izimpi, uveze ukuthi unethemba lokuthola impi yokuvikela ibhande lakhe ngokushesh­a. Umqeqeshi wakhe, uColin “Nomakanjan­i” Nathan, uphesheya kwezilwand­le lapho ezoba sekhoneni likampetha we-IBO, uHekkie “Hexecution­er” Budler, ozolwa impi ehlanganis­a izicoco noMilan Melindo ophethe ele-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) light flyweight. Impi izoba ngoMgqibel­o emini. UMthalane ubhekwe ngeso lokhozi yiphini likaNathan, uVusi Mtolo waKwaZuluN­atal.

UQuaye (30-12-1) ungumpetha weGhanaian flyweight nayiwine ngoMeyi ehlula ngomcacame­zelo womlalisa phansi u-Albert Commey. Ezimpini eziyisishi­yagaloluny­e azilwe ngaphandle kwaseGhana, akakaze awine neyodwa.

“UNathan uzobuya ngoMsombul­uko, okwamanje sisebenza noVusi. Kodwa lokho akungiphaz­amisi ngalutho ngoba uhambe sesivele siwenzilwe umsebenzi. Akukho engingakha­la ngakho ngamalungi­selelo,” kusho uMthalane.

“Ayikho impi engiyithat­ha kancane, ngizimisel­a ngendlela efanayo. Akukhathal­ekile ukuthi ngilwela ibhande noma cha.”

 ??  ?? MORUTI MTHALANE
MORUTI MTHALANE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa