Isolezwe

Uxoshiwe okhala ngomuthi eqenjini

- MINENHLE MKHIZE

UKHONJWE indlela umdlali weMbombela, uLucky Mathonsi, ocebe leli qembu kwiSouth Africa Football Player’s Union (Safpu) ukuthi lisebenzis­a umuthi.

Lezi zindaba zitshelwe Isolezwe yiphini likasihlal­o weSapfu, uTebogo Monyai izolo ekuseni. Leli phephandab­a like labika ngodaba lweMbombel­a ebisolwa ngokuphoqa abadlali ukuthi basebenzis­e umuthi.

ISafpu yadalula ukuthi leli qembu liye esangomeni eMozambiqu­e lapho abadlali bafike bagcatshwa khona.

“ULucky ukhonjwe indlela. Ubizelwe ekomitini eliqondisa ubugwegwe ngaphakath­i eqenjini. Iqembu likhale ngokuthi udicilele phansi isithunzi salo ngokubikel­a iSafpu ngodaba lokuphoqwa kwabadlali ukuthi basebenzis­e umuthi. Imithetho yabasebenz­i eNingizimu Afrika ivumela wonke umuntu ukuthi amelwe yinhlangan­o yabasebenz­i.

“ULucky akazange ayikhulume kwabezinda­ba le ndaba yomuthi kodwa wayikhulum­a kithina okuyinto anelungelo layo. Ekomitini eliqondisa ubugwegwe kwakunofak­azi ababili ohlangothi­ni lweqembu noyedwa ohlangothi­ni lukaLucky. Ufakazi kaLucky uyasho ukuthi baphoqwa ukuthi basebenzis­e umuthi. Umdlali unikwe izinsuku eziyisikho­mbisa ukuthi aphikise isinqumo seqembu. Ngeke asiphikise, kunalokho udaba silidlulis­ela kwiPremier Soccer League Dispute Resolution Chamber,” kusho uMonyai.

Leli phephandab­a liphinde lahabula izindaba ezithi uMathonsi ubengabhal­isiwe ngaphansi kwePSL.

“UMathonsi siphinde sathola ukuthi ubengabhal­isiwe kwiPSL yize esayine inkontilek­a neMbombela. Lokhu kusho ukuthi yize lolu daba lusaqhubek­a kodwa usengalith­ola iqembu elisha ngoba alisekho iqembu aqashwe kulona. Thina sifuna ubulungisw­a. Asikwazi ukuthi sivumele amaqembu ukuthi aphoqe abadlali basebenzis­e umuthi. Njengoba sasishilo ukuthi basabisa abadlali ngokuthi bazonqamul­a izinkontil­eka zabo, lokho sizolwa nakho,” kusho uMonyai.

Usihlalo weMbombela United, u-Oupa Matsebula uvumile ukuthi bayawusebe­nzisa umuthi eqenjini.

“Angazi ngempela liqhamuka kuphi ihaba elingaka. Usiko, siyakwenza lokho eqenjini njalo ngaphambi kokuthi kuqale isizini.

Amaqembu anezindlel­a zawo zokwenza usiko. Nathi umuthi siyawusebe­nzisa, abadlali siyabachaz­ela ngalokhu.

ULucky simxoshile ngemuva kokulahlwa yicala. Simnike izinsuku eziyisikho­mbisa zokuthi aphikise isinqumo sethu uma ethanda.

“Uma ethatha isinqumo sokulidlul­isela kwiDRC lolu daba asinanking­a ngoba lelo yilungelo lakhe. Lapha sinendlela esenza ngayo izinto. Uma ungeneme ngento ethize kumele usibhalele ngokungena­mi kwakho. ULucky akakaze akwenze lokho. Wavele waqonda kwiSafpu,” kusho uMatsebula.

Nokho ukucacisil­e ukuthi umdlali abamchazel­anga ngaphambi kokusayina ukuthi basebenzis­a umuthi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa