Mina ngiwumuntu obusisiwe - Pitso
namaqembu amakhulu. Niqonde ukungitshela ukuthi ngeke baqeqeshe phesheya kwezilwandle? Kunzima ngoba amaqembu ase-Europe akabethembi abaqeqeshi baseAfrika. Ngisanda kutshela uRhulani Mokwena ukuthi isizukulwane sabo yisona okumele siqede lo mqondo. Angiboni ukuthi isizukulwane sethu singayishintsha imiqondo yamaqembu ase-Europe. elilodwa. Abaqeqeshi base-France bagcwele i-Afrika yonke. Nami ngingathanda ukubona abaqeqeshi bethu bephuma beyocija amazwe namaqembu ase-Afrika. Sinabo abaqeqeshi abaseqophelweni eliphezulu abangakwazi ukuzuza izinto e-Afrika. Nokho sidinga ukuqale senze kahle lapha ekhaya bese siheha amazwe ase-Afrika namaqembu akhona. Akulula, yingakho ngihlale ngibeseka abaqeqeshi abanjengoSteve Komphela noSerame Letsoaka. Laba baqeqeshi bamqoka ebholeni laseNingizimu Afrika. Yibona okumele basinike ushintsho.
Nokho kumele benze kahle lapha ekhaya ngoba ngeke bathathwe ngaphandle uma behluleka kuleli.
Uqonde ukungitshela ukuthi uKomphela ngeke akwazi ukucija iqembu lesizwe laseUganda?
Angaliqeqesha kalula. Kumele siphume siyozakhela igama amazwe. Uyazi iSt.George iligi iyinqobe amahlandla angu-13 kwangu-16. Manje niqonde ukungitshela ukuthi uKomphela ngeke ayiqeqeshe iSt.George? Kahleni bafowethu! Unganqoba inqwaba yemidlalo nezicoco zeligi. Kumele sisizane singabaqeqeshi eNingizimu Afrika.
Asikhohlwe yindaba yokuthi akazange awine lutho kwiChiefs.
Angaziwina izicoco kwamanye amazwe. Kumele aye emaqenjini amakhulu. Akumele aye eqenjini elincane eKenya kumele aye kwelikhulu uzophumelela.
MM: KwiBafana khona usazibhekile?
PM: IBafana inomqeqeshi oseqophelweni eliphezulu njengamanje, inoStuart Baxter. Uyakwazi ukuhlanganisa iqembu futhi uzosiyisa phambili. Ungumqeqeshi odingwa yiBafana, ukhuluma esihle isiNgisi lesi.
Izingxoxo zakhe nabezindaba ziqondile. Ungumqeqeshi ofanele kakhulu ukucija iqembu lesizwe.
Uma ungumqeqeshi kumele uliqonde ibhola lase-Afrika namasiko akhona.
MM: Ebholeni kulula ukuthi abantu banixabanise uma ningabaqeqeshi. Wena ubugcina kanjani ubudlelwano bakho bubuhle noManqoba Mngqithi? Uma iqembu lenza kahle abantu bavame ukuthi kungenxa kaManqoba uma selenza kabi kukhonjwa wena ngenjumbane. Uthini ngalokho?
PM: Kade ngaqala ukwenza kahle njengomqeqeshi. Nginqobe izicoco njengomqeqeshi kwiSuperSport United ngaphandle kukaManqoba. Ngidle iqembu lesizwe lase-Egypt eladla izicoco ezintathu ze-Afcon amahlandla elandelan, iqembu elibophele izinkunzi zabadlali ababefana noMohamed Aboutrika nengwazi yomqeqeshi uHassan Shehata.
Ngikwenze lokho ngaphandle kukaManqoba. Hhayi bafowethu ngibusisiwe. Ngiqeqeshe kwiAfcon kabili, ngayibamba kwiFifa Confederation Cup, Fifa World Cup, Fifa Club World, CAF Champions League nakwiCAF Confederation Cup.
Ngenye isizini ngafaka iSuperSport kweyamaqoqo eChampions League. Mina yinto engingagxili kwakugxila kuyona leyo. Ngivele ngiqhubeke nempilo. Eminyakeni engu15 ngisaqeqeshe amaqembu amabili. KwiSuperSport ngangizohlala iminyaka engaphezu kweyisithupha kodwa bangikhulula bathi angiye kwiBafana. Bangivalelisa ngedili lomcimbi, ngakhala. KwiBafana ngidlale namazwe abafana noPortugal, France, Zambia noBrazil...
QAPHELA: Ingxoxo yethu noMosimane sizoyibamba la okwamanje, ingxenye yesibili izotholakala maduze nje lapho lo mqeqeshi ezokhuluma khona ngokuxoshwa kwakhe kwiBafana, wukusebenzisa imali ethenga abadlali abancane, ubunzima bokudlala kwiChampions League nasafuna ukukuzuza ebholeni.