OweDowns nokuzethemba koweWydad
IMAMELODI Sundowns ingenelwe yigoli ngemizuzu yokugcina ngesikhathi ibhekene neFree State Stars kowe-Absa Premiership ngoMsombuluko emdlalweni egcine iwunqobe ngo 2-1 ngamagoli kaPercy Tau.
Ngokusho komgadli waleli qembu, uSibusiso Vilakazi lokhu yikhona kanye okuzomele baqikelele ukuthi akwenzeki ngempelasonto lapho bezobe beyibambe emdlalweni weCAF Champions League.
ISundowns engompetha balo mqhudelwano omkhulukazi e-Afrika, izokwamukela iWydad Casablanca yaseTunisia emlenzeni wokuqala wamaquarterfinal.
Umdlalo ungeSonto eLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.
Ukungenelwa yigoli ekhaya kungabafakela ingcindezi enkulu uma sekuyiwa ekuhambeni ngempelasonto kaSepthemba 23.
“Okusemqoka kakhulu wukuthi siwasebenzisile amathuba ethu sakwazi ukuthola amaphuzu amathathu.
Sesizokwazi ukuqhubeka sibheke umdlalo wethu olandelayo,” kusho uVilakazi kuSS4 ngemuva komdlalo. Ngaphambi kwalo mdlalo amaBrazilians abekade ebuyiselwe kwamhlaba eshayelwa esibayeni sawo iPolokwaneCity ngo 2-1 emdlalweni weligi emasontweni amathathu edlule. “Sesizothatha lokhu kuzethemba siye nakho emdlalweni wethu neWydad ngeSonto. Ngethemba ukuthi sizokwazi ukulikhuphula igiya senze okungcono kakhulu kunalokhu njengoba lapha silwile, sasebenzisa amathuba ethu saphinde savala emuva yize ekugcineni sithe ukuphuma emdlalweni (kwangena igoli). Kodwa njengoba siya kwiCAF kusemqoka kakhulu ukuthi singangenelwa igoli bese sisebenzisa amathuba ethu,” kusho uVilakazi. IWydad ifike kulesi sigaba ngemuva kokuqeda iqhwakele eqoqweni layo ebelibophele i-Al Ahly yase-Egypt, Zanaco (Zambia) neCoton Sport (Cameroon). Ihlulwe kabili kweyamaqoqo, yi-Al Ahly neZanaco idlala ekuhambeni. Leli qembu bese liwine imidlalo emibili yomkhumulajezi ngenyanga edlule kwelakubo ngaphambi kokuhlulwa iRabat ngo 3-1 koweligi ngeSonto. AmaBrazilians wona aqede elele endaweni yesibili kuGroup B obuneEsperance yaseTunisia, iqembu lase-Ethiopia iSt George ne-AS Vita yaseDR Congo. Ahlulwe kanye kuleli qoqo eshaywa yi-Esperance ngo 2-1 ekhaya. Ozowina lapha angazithola ebhekana neFerroviaro yaseMozambique noma i-USM Alger yase-Algeria kuma-semi final azodlalwa ekupheleni kwenyanga nango-Okthoba.