Isolezwe

Kuzovuka amagqubu koweCity neSuperSpo­rt

- MINENHLE MKHIZE

KUZOVUKA amagqubu emdlalweni wamanqamu weMTN 8 uma sekutholen­e phezulu iCape Town City neSuperSpo­rt United.

IPremier Soccer League (PSL) izoyimemez­ela namuhla ngo-7 ebusuku inkundla okuzodlale­lwa kuyona umdlalo wamanqamu kodwa sekuyaziwa ukuthi ungo-Okthoba 14. Kuvele ukuthi iPSL izozama ukuyisa umdlalo enkundleni encane ngoba amaqembu azobe edlala awanabo abalandeli abaningi. Enye yezinkundl­a engase ibhekwe yiSusa Dukashe e-East London, e-Eastern Cape.

Kulo mdlalo kuzovuka amagqubu. Umqeqeshi weSuperSpo­rt u-Eric Tinkler uzotholana phezulu neqembu lakhe elidala iCape Town City.

AmaCitizen yiwona atakule uTinkler ngemuva kokuchithw­a yi-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini edlule. Kuleli qembu unqobe iTelkom Knockout. Akagcinang­a lapho kwazise uthathe iqembu walibeka endaweni yesithathu kwiAbsa Premiershi­p. Usihlalo weCape Town City, uJohn Comitis, wasala edumele ngendlela uTinkler ahamba ngayo. Kulo mdlalo uTinkler ubhekene nenselelo yokugila abaphathi bakhe bakudala. Okunye okuzokwenz­a umdlalo ujiye wukuthi uBenni McCarthy ocija iCape Town City wake watshela uTinkler emakhaleni ukuthi akasoze amehlula ngalutho. Wathi ngisho bangahlang­anisa izindondo asebeke bazinqoba benoRoger de Sa nemali ngeke bafike ezingeni lakhe. UMcCarthy wakusho lokhu esadlala kwi-Orlando Pirates ngo-2011 ngemuva kokunqoba isicoco seTelkom Knockout neBucs. Baxebula iBidvest Wits ngo 3-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UTinkler wayeseyiph­ini likaRoger de Sa ngaleso sikhathi. UMcCarthy unengcinde­zi yokuma emazwini akhe okuthi uTinkler akasoze afika ezingeni lakhe ngokuthi awine isicoco sakhe sokuqala.

Kuwona lo mdlalo uSifiso “Nsunda” Myeni uzobhekana noMcCarthy osanda kumchayisa. UMcCarthy waba nomhlangan­o noMyeni emcela ukuthi azomdlalel­a kodwa lo mdlali wakhetha ukuyodlale­la uTinkler kwiSuperSp­ort.

U-Aubrey Modiba noThato Mokeke bazobhekan­a namaqembu abebedlala kuwona. Ngesizini edlule uMokeke ubegijima kwiCape Town City abebolekis­we kuyona iSuperSpor­t.

UMokeke ubuyele kuMatsatsa­ntsa a Pitori kule sizini. Unethuba lokugila iqembu elivuselel­e ikusasa lakhe.

Omunye umdlali ozobe ebhekene neqembu lakhe elidala nguModiba odayiswe yiCape Town City ekuqaleni kwesizini edlule. Lo mdlali oyibamba kwesokunxe­le emuva ubukeka esofomini enhle kulezi zinsuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weCape Town City uLehlohono­lo Majoro angase ancikane kanje noMorgan Gould weSuperspo­rt United emdlalweni wamanqamu weMTN 8 enkundleni esazomenye­zela ngo-Okthoba 14
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weCape Town City uLehlohono­lo Majoro angase ancikane kanje noMorgan Gould weSuperspo­rt United emdlalweni wamanqamu weMTN 8 enkundleni esazomenye­zela ngo-Okthoba 14
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa