Isolezwe

Unukelwa umlando ohola iqembu iBanyana

- LUNGILE MAJOKA

UZIMISELE ngokuqopha umlando ngokuhola iqembu iBanyana Banyana linqobe umqhudelwa­no iCosafa Women Champioshi­p uRefiloe Jane, onikezwe lo msebenzi ngenxa yokungabi khona kukakapute­ni uJanine van Wyk.

UVan Wyk akekho eqenjini ngenxa yokuthi iCosafa idlalwe ngaphandle kwekhalend­a leFifa. Umqhudelwa­no uKwaBulawa­yo, eZimbabwe. Uqale izolo uyoze usongwe ngoSepthem­ba 24.

Umsebenzi wokuhola izintokazi zeqembu lesizwe uwele ephinini likaVan Wyk uJane odlalela iVaal University. Namuhla iBanyana izovula umqhudelwa­no neLesotho eLuveve Stadium ngo-4.30 ntambama.

Engxoxweni abe nayo neSafa.net, uJane uthe bafuna ukuzakhela igama ngokubuya nendondo.

“Sifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi siyayiphak­amisa indebe. Sifuna ukubuya nendondo njengoba sekuphele isikhathi eside singakwenz­i lokho,” kusho uJane.

INingizimu Afrika igcine ukunqoba lo mqhudelwan­o ngo-2008 ishaya i-Angola ngo 3-1 kowomanqam­u, okuwumqhud­elwano okwakugqam­e kuwo uNoko Matlou ebuya namagoli angu-12. Yanqoba nango-2006 no-2002. Ngo-2011 ishaywe iZimbabwe ngo 1-0 kowamanqam­u.

Amanye amaqembu aseqoqweni elilodwa neBanyana, iNamibia abazodlala nayo kusasa bese ivala uGroup C neBotswana ngeSonto.

“Umdlalo wokuqala womqhudelw­ano yiwona omqoka. Sifuna ukuzehlise­la ingcindezi ngokuthi siwunqobe yize singeke siwathathe kancane amaqembu esizobheka­na nawo eqoqweni kwazise sesiside isikhathi sagcina ukudlala nawo,” kusho uJane.

IBanyana igcine ukungena enkundleni ngoJanuwar­i ibhekene neFrance kowobungan­i.

Ngemuva kwalokho iziphathim­andla zihlulekil­e ukutholela uDesiree Ellis obambile eminye imidlalo yobungani.

U-Ellis kulokhu abamba izintambo kusukela nyakenye kulandela ukushiya kukaVera Pauw waseNether­lands ngemuva kwemidlalo yama-Olympic eBrazil. Ngokuthola kweSolezwe useqashiwe ozothatha izintambo futhi kuthiwa uzobe ekhona ebukela iqembu kwiCosafa Cup.

 ??  ?? REFILOE JANE
REFILOE JANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa