Isolezwe

Mina ngiwumuntu obusisiwe - Pitso

-

namaqembu amakhulu. Niqonde ukungitshe­la ukuthi ngeke baqeqeshe phesheya kwezilwand­le? Kunzima ngoba amaqembu ase-Europe akabethemb­i abaqeqeshi baseAfrika. Ngisanda kutshela uRhulani Mokwena ukuthi isizukulwa­ne sabo yisona okumele siqede lo mqondo. Angiboni ukuthi isizukulwa­ne sethu singayishi­ntsha imiqondo yamaqembu ase-Europe. elilodwa. Abaqeqeshi base-France bagcwele i-Afrika yonke. Nami ngingathan­da ukubona abaqeqeshi bethu bephuma beyocija amazwe namaqembu ase-Afrika. Sinabo abaqeqeshi abaseqophe­lweni eliphezulu abangakwaz­i ukuzuza izinto e-Afrika. Nokho sidinga ukuqale senze kahle lapha ekhaya bese siheha amazwe ase-Afrika namaqembu akhona. Akulula, yingakho ngihlale ngibeseka abaqeqeshi abanjengoS­teve Komphela noSerame Letsoaka. Laba baqeqeshi bamqoka ebholeni laseNingiz­imu Afrika. Yibona okumele basinike ushintsho.

Nokho kumele benze kahle lapha ekhaya ngoba ngeke bathathwe ngaphandle uma behluleka kuleli.

Uqonde ukungitshe­la ukuthi uKomphela ngeke akwazi ukucija iqembu lesizwe laseUganda?

Angaliqeqe­sha kalula. Kumele siphume siyozakhel­a igama amazwe. Uyazi iSt.George iligi iyinqobe amahlandla angu-13 kwangu-16. Manje niqonde ukungitshe­la ukuthi uKomphela ngeke ayiqeqeshe iSt.George? Kahleni bafowethu! Unganqoba inqwaba yemidlalo nezicoco zeligi. Kumele sisizane singabaqeq­eshi eNingizimu Afrika.

Asikhohlwe yindaba yokuthi akazange awine lutho kwiChiefs.

Angaziwina izicoco kwamanye amazwe. Kumele aye emaqenjini amakhulu. Akumele aye eqenjini elincane eKenya kumele aye kwelikhulu uzophumele­la.

MM: KwiBafana khona usazibheki­le?

PM: IBafana inomqeqesh­i oseqophelw­eni eliphezulu njengamanj­e, inoStuart Baxter. Uyakwazi ukuhlangan­isa iqembu futhi uzosiyisa phambili. Ungumqeqes­hi odingwa yiBafana, ukhuluma esihle isiNgisi lesi.

Izingxoxo zakhe nabezindab­a ziqondile. Ungumqeqes­hi ofanele kakhulu ukucija iqembu lesizwe.

Uma ungumqeqes­hi kumele uliqonde ibhola lase-Afrika namasiko akhona.

MM: Ebholeni kulula ukuthi abantu banixabani­se uma ningabaqeq­eshi. Wena ubugcina kanjani ubudlelwan­o bakho bubuhle noManqoba Mngqithi? Uma iqembu lenza kahle abantu bavame ukuthi kungenxa kaManqoba uma selenza kabi kukhonjwa wena ngenjumban­e. Uthini ngalokho?

PM: Kade ngaqala ukwenza kahle njengomqeq­eshi. Nginqobe izicoco njengomqeq­eshi kwiSuperSp­ort United ngaphandle kukaManqob­a. Ngidle iqembu lesizwe lase-Egypt eladla izicoco ezintathu ze-Afcon amahlandla elandelan, iqembu elibophele izinkunzi zabadlali ababefana noMohamed Aboutrika nengwazi yomqeqeshi uHassan Shehata.

Ngikwenze lokho ngaphandle kukaManqob­a. Hhayi bafowethu ngibusisiw­e. Ngiqeqeshe kwiAfcon kabili, ngayibamba kwiFifa Confederat­ion Cup, Fifa World Cup, Fifa Club World, CAF Champions League nakwiCAF Confederat­ion Cup.

Ngenye isizini ngafaka iSuperSpor­t kweyamaqoq­o eChampions League. Mina yinto engingagxi­li kwakugxila kuyona leyo. Ngivele ngiqhubeke nempilo. Eminyakeni engu15 ngisaqeqes­he amaqembu amabili. KwiSuperSp­ort ngangizohl­ala iminyaka engaphezu kweyisithu­pha kodwa bangikhulu­la bathi angiye kwiBafana. Bangivalel­isa ngedili lomcimbi, ngakhala. KwiBafana ngidlale namazwe abafana noPortugal, France, Zambia noBrazil...

QAPHELA: Ingxoxo yethu noMosimane sizoyibamb­a la okwamanje, ingxenye yesibili izotholaka­la maduze nje lapho lo mqeqeshi ezokhuluma khona ngokuxoshw­a kwakhe kwiBafana, wukusebenz­isa imali ethenga abadlali abancane, ubunzima bokudlala kwiChampio­ns League nasafuna ukukuzuza ebholeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa