Isolezwe

OweDowns nokuzethem­ba koweWydad

- LUNGILE MAJOKA

IMAMELODI Sundowns ingenelwe yigoli ngemizuzu yokugcina ngesikhath­i ibhekene neFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoMsombul­uko emdlalweni egcine iwunqobe ngo 2-1 ngamagoli kaPercy Tau.

Ngokusho komgadli waleli qembu, uSibusiso Vilakazi lokhu yikhona kanye okuzomele baqikelele ukuthi akwenzeki ngempelaso­nto lapho bezobe beyibambe emdlalweni weCAF Champions League.

ISundowns engompetha balo mqhudelwan­o omkhulukaz­i e-Afrika, izokwamuke­la iWydad Casablanca yaseTunisi­a emlenzeni wokuqala wamaquarte­rfinal.

Umdlalo ungeSonto eLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.

Ukungenelw­a yigoli ekhaya kungabafak­ela ingcindezi enkulu uma sekuyiwa ekuhambeni ngempelaso­nto kaSepthemb­a 23.

“Okusemqoka kakhulu wukuthi siwasebenz­isile amathuba ethu sakwazi ukuthola amaphuzu amathathu.

Sesizokwaz­i ukuqhubeka sibheke umdlalo wethu olandelayo,” kusho uVilakazi kuSS4 ngemuva komdlalo. Ngaphambi kwalo mdlalo amaBrazili­ans abekade ebuyiselwe kwamhlaba eshayelwa esibayeni sawo iPolokwane­City ngo 2-1 emdlalweni weligi emasontwen­i amathathu edlule. “Sesizothat­ha lokhu kuzethemba siye nakho emdlalweni wethu neWydad ngeSonto. Ngethemba ukuthi sizokwazi ukulikhuph­ula igiya senze okungcono kakhulu kunalokhu njengoba lapha silwile, sasebenzis­a amathuba ethu saphinde savala emuva yize ekugcineni sithe ukuphuma emdlalweni (kwangena igoli). Kodwa njengoba siya kwiCAF kusemqoka kakhulu ukuthi singangene­lwa igoli bese sisebenzis­a amathuba ethu,” kusho uVilakazi. IWydad ifike kulesi sigaba ngemuva kokuqeda iqhwakele eqoqweni layo ebelibophe­le i-Al Ahly yase-Egypt, Zanaco (Zambia) neCoton Sport (Cameroon). Ihlulwe kabili kweyamaqoq­o, yi-Al Ahly neZanaco idlala ekuhambeni. Leli qembu bese liwine imidlalo emibili yomkhumula­jezi ngenyanga edlule kwelakubo ngaphambi kokuhlulwa iRabat ngo 3-1 koweligi ngeSonto. AmaBrazili­ans wona aqede elele endaweni yesibili kuGroup B obuneEsper­ance yaseTunisi­a, iqembu lase-Ethiopia iSt George ne-AS Vita yaseDR Congo. Ahlulwe kanye kuleli qoqo eshaywa yi-Esperance ngo 2-1 ekhaya. Ozowina lapha angazithol­a ebhekana neFerrovia­ro yaseMozamb­ique noma i-USM Alger yase-Algeria kuma-semi final azodlalwa ekupheleni kwenyanga nango-Okthoba.

 ??  ?? SIBUSISO VILAKAZI
SIBUSISO VILAKAZI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa