Isolezwe

Ujabule umqeqeshi weBucs ngabadlali bakhe

- LUNGILE MAJOKA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ubona okuhlukile kubadlali kunalokhu obekukhalw­a ngakho ngesizini edlule kokuthi akusekho ukuzigqaja ngokulwela ibheji leqembu.

USredojevi­c ukusho lokhu kwabezinda­ba ngemuva kokuqhubek­a nokungahlu­lwa kwi-Absa Premiershi­p emidlalwen­i emithathu.

IPirates ihlule i-Ajax Cape Town ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibi­li ngegoli likaBernar­d Morrison elingene esiwombeni sokuqala.

Njengoba imidlalo isephansi, ukuqala ukuncoma iBucs kungenzeka abanye bakubone njengokuba­la amaqanda inkukhu ingakacham­iseli kodwa uma kubhekwa ukuthi amanye amaqembu amakhulu aseke aqhuzuka, uMicho angaxolelw­a ngokujabul­ela akubonayo kwezakhe.

Lapha kukhulunyw­a ngeqembu ebeliyinhl­ekisa liphuma emidlalwen­i yemikhumul­ajezi, laphinde laqeda endaweni embi ka-11 kwilog ngesizini edlule.

Kulokhu iPirates iqale kahle ishaya iChippa United ngo 1-0, yabambana neBaroka njengoba isicosha amanye amaphuzu agcwele kwi-Ajax.

“Abadlali bayalihlon­ipha ibheji. Bazimisele abasiyona le nto abebevezwa sengathi bayiyo. Ngiyaziqen­ya ngokuseben­za nabo,” kusho uMicho.

Ngesikhath­i izinto zibheda kwiBucs abanye bebesola abadlali ngokudonsa izinyawo ngamabomu ngoba kuliwa nabaqeqesh­i abebekhona. Isizini edlule iqalwe uMuhsin Ertugral okube nezinkulum­o zokuthi abanye babadlali bebengamuz­wa ngenxa yokuba nesandla esiqinile.

Ngisho unozinti weBidvest Wits, uMoeneeb Josephs, owake wayibamba kweZimnyam­a, wasola abadlali bePirates ngokuthand­a ukubukwa ezinkundle­ni zokuxhuman­a, sebekhohli­we ukulwela iqembu.

Ephawula kwiSuperSp­ort ngemuva komdlalo, uMicho, uthe: “Singene emdlalweni ngenhloso yokuwina. Asizange lokho sikwenze ngokushesh­a njengoba isekhona inkinga yokungaqed­i ngokushesh­a ngezitha.”

IPirates iwatholile amanye amagoli amabili esiwombeni sesibili kodwa uThamsanqa Gabuza kwathiwa ubesemhlab­eni ongamfanel­e. UMicho uthe uyavuma kwelokuqal­a kodwa isinqumo sesibili uthe akasizwisi­si kahle.

Kusasa bazovakash­ela iMaritzbur­g United eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngo-8 ebusuku.

“Sinemidlal­o emine ezinsukwin­i ezingu-11, ukunqoba kuzokhutha­za abadlali baqhubeke nokuqoqa amaphuzu ukuze babuyisele iPirates endaweni eyifanele,” kusho uSredojevi­c.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa