Isolezwe

Uzofa esiqeshini uDumi Masilela kuRhythm City

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eGoli

INDLELA adutshulwa wabulawa ngayo umlingisi weRhythm City, uDumi Masilela, iyona azophuma ngayo kulo mdlalo, njengoba indawo ayilingisa­yo isizofinye­lela emaphethel­weni.

Lokhu kudalulwe uphrojusa walo mdlalo uYula Quinn.

Uthe babone kungcono bahlangane nomndeni kaDumi, bakhulume ngendlela azophuma ngayo kulo mdlalo.

“Sihlale phansi nomndeni kaDumi sicela ukuthi kunganjani indawo kaSfiso siyiqede ngendlela adlula ngayo emhlabeni. Umndeni awuyibonan­ga inkinga uvumele phezulu,” kuchaza uYula.

Uthe bathathe lesi sinqumo ngenxa yokuthi bafuna ukuqwashis­a ngobugeben­gu obuthe chithi saka kuleli.

“Esiqeshini sokugcina azobonakal­a kuso, ngeke kuvele indlela adunwa ngayo imoto kodwa kuzofika uShakes ezobika ngalesi sigameko.

“Sibonga ngempela emndenini wakhe ngokusivum­ela sisebenzis­e lo mcabango obuhlungu owabehlela ngesikhath­i kuhlaselwa uDumi,” kuchaza yena. Uthe uDumi uzobonakal­a okokugcina kulo mdlalo ngoOkthoba 11.

“Okunye okuzobonak­ala kuRhythm City yinkonzo yakhe yesikhumbu­zo ezokwenziw­a ngokomdlal­o kodwa unina omzalayo, uMagdeline Masilela, nomfowabo uThabani bazoba yingxenye yesikhumbu­zo,” kuchaza yena. Uthe inkonzo yesikhumbu­zo bazoyikhom­bisa kulo mdlalo ngo-Okthoba 18.

“Ukukhombis­a lokhu okwenzeka sicabanga ukuthi yikhona okuzokhomb­isa ukuthi umdlalo iRhythm City ilahlekelw­e kangakanan­i futhi uDumi uyohlala ekhona ezinhliziy­weni zethu ngaso sonke isikhathi,” kuchaza yena.

UDumi wadutshulw­a elokishini akhulele kulo iTembisa, ngo-Agasti ngabalisa okusolakal­a ukuthi babefuna ukuthatha imoto yakhe.

Kulesi sigameko wayehamba nomngani wakhe. UDumi washonela esibhedlel­a nokuyisehl­o esathinta abantu abaningi kuleli.

Engakangcw­atshwa lo mlingisi kwaboshwa abalisa ababili nokuthe emasontwen­i edlule kwaboshwa omunye wesithathu.

UDumi ubeshade noSimphiwe Ngema owayelingi­sa kuMuvhango.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? INDAWO elingiswa nguDumi Masilela kwiRhythm ashona ngayo City izoqedwa ngendlela
Isithombe:SITHUNYELW­E INDAWO elingiswa nguDumi Masilela kwiRhythm ashona ngayo City izoqedwa ngendlela
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa