Isolezwe

Sihlehlise­lwe elizayo isigwebo sikaBrickz

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUHLEHLISE­LWE uLwesine oluzayo ukugwetshw­a komculi weKwaito, uSipho “Brickz” Ndlovu.

Izolo uBrickz bekulindel­eke ukuthi azi ngekusasa lakhe kodwa kugcine kungenzeka­nga.

UBrickz ubevele enkantolo kaMantshi yaseRoodep­ort.

Lo mculi waboshwa ngemuva kokuvulelw­a icala lokudlweng­ula intombazan­e eneminyaka engu-17, eyisihlobo senkosikaz­i yakhe.

Isigwebo kwakulinde­leke ukuthi siphume ngenyanga ephelile kodwa kwangenzek­a.

Inkantolo yathola uBrickz enecala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa