Unqunywe ikhanda nengalo ‘wumnakwabo’
UZOLINDA ungangcwabi uze uthole ikhanda nengalo kwendodakazi yawo umndeni wowesifazane okutholwe isidumbu sakhe ehlathini okusolwa umnakwabo ngokumbulala ngoba bebanga isoka.
Isidumbu sikaNksz Nomthandazo Dlamini (22) waseManywaneni, eDonnybrook, sitholwe ngamaphoyisa sinqanyulwe izingalo nekhanda, ingalo eyodwa yatholwa igqitshwe ebangeni elifushane ukusuka lapho kutholwe khona isidumbu. Enye ingalo nekhanda kuthiwa akukatholakali.
Kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-39 ngalesi sigameko.
Uvele enkantolo ngoLwesithathu, icala lahlehliselwa uMsombuluko.
Umfowabo kamufi, uMnuz Xolani Dlamini ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo, uthe umsolwa ufike ngoLwesine wahlala ngenhla komuzi.
Uthe ngesikhathi ebona udadewabo ephuma emfuleni, umcele ukuthi amphuzise amanzi. Kuthiwa umufi ungene endlini waphuma nojeke onamanzi wayomphuzisa.
“Ngesikhathi udadewethu ebuya, uthe uyaphuthuma uyabuya manje usaphelezela umsolwa. Bebehamba bezihlekela kungekho okusolisayo.
“Sithuke soma ngesikhathi sibona kuze kushona ilanga engabuyi. Sivuke ngakusasa saqala ukumbheka, namalungu omphakathi asibhekisa, kodwa lutho ukumthola,” kusho uDlamini.
Uthe ngemva kokubikela amaphoyisa, isidumbu sakhe sitholwe ehlathini eduze nomgwaqo singenakhanda ngeSonto.
Uthe amanye amalungu omphakathi athe ayamazi umsolwa ogcine ukubonakala ehamba nomufi.
Kuthiwa anikele eSawudi khona eDonnybrook kubo kamsolwa okuthe uma ebona iqulu lamalungu omphakathi liza ngakubo, wathathela ngejubane wabaleka wangena ehlathini eliseduze.
Kuvele ukuthi umsolwa ugcine efonele amaphoyisa, amthola ebhacile ngoba ebalekela ulaka lomphakathi.
Kuthiwa ukhombe lapho egqibe khona ingalo obekuyibangana ukusuka lapho kutholakale khona isidumbu.
“Okusixakayo wukuthi ugcizelela ukuthi ikhanda nenye ingalo ukushiye eceleni kwesidumbu, kodwa akutholakali. Akekho umuntu wesifazane ongenza unya olungaka ehamba yedwa, ngisola ukuthi kukhona ayehamba nabo,” kusho uDlamini.
Kuthiwa umsolwa wabamba umyalezo kamufi efonini yesoka lakhe, wabe esehamba ebuza emalungwini omphakathi umuzi wakwaDlamini, amkhombisa.
UKhomishana wamaphoyisa osabambile uMajor General Bheki Langa ukugxekile ukubulawa ngesihluku kukaNksz Dlamini.
“Akukholakali ukuthi umuntu wesifazane angasoleka ekubulaleni omunye ngesihluku esinjena. Abaphenyi bazosebenza ngokuzikhandla ukuthola imbangela yalokhu kubulala,” kusho uLanga.