Isolezwe

Unqunywe ikhanda nengalo ‘wumnakwabo’

- KHULEKANI MASEKO

UZOLINDA ungangcwab­i uze uthole ikhanda nengalo kwendodaka­zi yawo umndeni wowesifaza­ne okutholwe isidumbu sakhe ehlathini okusolwa umnakwabo ngokumbula­la ngoba bebanga isoka.

Isidumbu sikaNksz Nomthandaz­o Dlamini (22) waseManywa­neni, eDonnybroo­k, sitholwe ngamaphoyi­sa sinqanyulw­e izingalo nekhanda, ingalo eyodwa yatholwa igqitshwe ebangeni elifushane ukusuka lapho kutholwe khona isidumbu. Enye ingalo nekhanda kuthiwa akukathola­kali.

Kuboshwe owesifazan­e oneminyaka engu-39 ngalesi sigameko.

Uvele enkantolo ngoLwesith­athu, icala lahlehlise­lwa uMsombuluk­o.

Umfowabo kamufi, uMnuz Xolani Dlamini ngesikhath­i ekhuluma neSolezwe izolo, uthe umsolwa ufike ngoLwesine wahlala ngenhla komuzi.

Uthe ngesikhath­i ebona udadewabo ephuma emfuleni, umcele ukuthi amphuzise amanzi. Kuthiwa umufi ungene endlini waphuma nojeke onamanzi wayomphuzi­sa.

“Ngesikhath­i udadewethu ebuya, uthe uyaphuthum­a uyabuya manje usapheleze­la umsolwa. Bebehamba bezihlekel­a kungekho okusolisay­o.

“Sithuke soma ngesikhath­i sibona kuze kushona ilanga engabuyi. Sivuke ngakusasa saqala ukumbheka, namalungu omphakathi asibhekisa, kodwa lutho ukumthola,” kusho uDlamini.

Uthe ngemva kokubikela amaphoyisa, isidumbu sakhe sitholwe ehlathini eduze nomgwaqo singenakha­nda ngeSonto.

Uthe amanye amalungu omphakathi athe ayamazi umsolwa ogcine ukubonakal­a ehamba nomufi.

Kuthiwa anikele eSawudi khona eDonnybroo­k kubo kamsolwa okuthe uma ebona iqulu lamalungu omphakathi liza ngakubo, wathathela ngejubane wabaleka wangena ehlathini eliseduze.

Kuvele ukuthi umsolwa ugcine efonele amaphoyisa, amthola ebhacile ngoba ebalekela ulaka lomphakath­i.

Kuthiwa ukhombe lapho egqibe khona ingalo obekuyiban­gana ukusuka lapho kutholakal­e khona isidumbu.

“Okusixakay­o wukuthi ugcizelela ukuthi ikhanda nenye ingalo ukushiye eceleni kwesidumbu, kodwa akutholaka­li. Akekho umuntu wesifazane ongenza unya olungaka ehamba yedwa, ngisola ukuthi kukhona ayehamba nabo,” kusho uDlamini.

Kuthiwa umsolwa wabamba umyalezo kamufi efonini yesoka lakhe, wabe esehamba ebuza emalungwin­i omphakathi umuzi wakwaDlami­ni, amkhombisa.

UKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile uMajor General Bheki Langa ukugxekile ukubulawa ngesihluku kukaNksz Dlamini.

“Akukholaka­li ukuthi umuntu wesifazane angasoleka ekubulalen­i omunye ngesihluku esinjena. Abaphenyi bazosebenz­a ngokuzikha­ndla ukuthola imbangela yalokhu kubulala,” kusho uLanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa