Isolezwe

Umkhuba usekhaya ngoMagaqa - Mbalula

- KHETHA SANGWENI EseMzimkhu­lu

UNGQONGQOS­HE wamaphoyis­a kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula uthi ababulali bakaMnuz Sindiso Magaqa oshone ngeSonto eledlule, abacashe ngegama leqembu i-ANC bazophenye­ka izinqe maduze. UMagaqa udutshulwe ngoJulayi ephuma emhlanganw­eni endaweni, wangeniswa esibhedlel­a kwagcina kumenele ngesonto eledlule.

UMbalula ubekhuluma enkonzweni yokukhumbu­la uMagaqa enkundleni yezemidlal­o eMzimkhulu, izolo. Uthe i-ANC akulona ikhaya labantu ababulala abanye, kufanele kuboshwe izinkabi nabazikhok­hela ukuthi zibulale uMagaqa.

“Angifuni ukudalula amacebo azosetshen­ziswa ukubamba ababulali kodwa kufanele nazi isimo sizoshuba. Siyazi ukuthi umkhuba usekhaya kunonyawo lwemfene,” kusho uMbalula.

Ekhuluma kanje abantu bebelokhu bebuza ukuthi “Nini” bethi “Ayikho leyo nto, sihlezi sithenjisw­a ubala.”

Uze wabancenga ukuthi behlise umoya babekezele.

“Umengameli uZuma akangehlis­e esikhundle­ni uma ngingawenz­i umsebenzi wami. Kufanele kucace ukuthi siphethe, ngeke kube kwampunzi edla emini,” kushwabula uMbalula.

Utshele inqwaba yabantu abebegcwel­e itende ukuthi inkohlakal­o ekhungethe isifunda iHarry Gwala izophenywa kuboshwe abantu ngokushesh­a.

“Akhona amaphoyisa angalungil­e, sizowakhip­ha nawo siwaxoshe ngoba awanayo indawo embuthweni wethu,” kusho uMbalula.

Ngaphambi kokuya enkonzweni uhlanganis­a amehlo nomndeni kaMagaqa emzini wakhe lapho efike abona imoto ayehamba ngayo ngesikhath­i edutshulwa. Imbobombob­o yimvula yezinhlamv­u ezaziqondi­swe esihlalwen­i somshayeli.

UMbalula otheleke ehamba ngendiza yombutho wamaphoyis­a, wemukelwe uMnuz Mxolisi Kaunda ophethe ezokuPheph­a KwaZulu- Natal. UKaunda obephethe uhlelo ucele ukuba abantu baziphathe kahle emngcwaben­i kaMagaqa kungasuki uthuthuva.

“Onesibhamu akosishiya ekhaya ngoba sizobe size emngcwaben­i. Kuzoba namaqembu epolitiki ahlukene, ningabahha­hhamezi,”

Okhulumele umndeni uMnuz Lwazi Magaqa uthe bafe olwembiza ngokushona kukaMagaqa ngoba ubelungile, kungabonak­ali ukuthi ungumholi. Uma esekhaya ubeba yingane azehlise.

UMagaqa uzofihlwa ekhaya kuyo le ndawo kusasa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa