Owesifazane kweyabendabuko
KUQOPHEKE umlando kuqokelwa owesifazane okokuqala emlandweni esigungwini esiphezulu sokuphathwa kweNdlu yobuHoli beNdabuko KwaZulu-Natal.
Inkosi uPrecious Thabisile Zulu waseMatheni, KwaNongoma ukhethwe njengePhini likaSihlalo weNdlu yeNdabuko KwaZulu-Natal, ngesikhathi kunokhetho lokuqoka lwesisigungu obelwengamelwe yi-Independent Electoral Commission eThekwini, izolo. Emakhosini angu-53 abefungiswe yiPhini likaMengameli wamaJaji esifundazweni iJaji uMjabuliseni Madondo ukuthi abambe iqhaza ekukhetheni isigungu, inkosi uZulu iphakanyiswe ngamakhosi angu-31 ekubeni yiPhini likaSihlalo okuyisikhundla ebesiphethwe yiNkosi uVictor Ngcobo kwathi inkosi uMabhudu Tembe yalala isibili, iphakanyiswa ngawu-13 yacela ukuhoxiswa.
Inkosi uZulu ithe ukuqokwa kuyiphosele inselelo njengomuntu wesifazane yokubonisa ukuthi likhulu iqhaza elingabanjwa ngabantu besifazane ekuphatheni.
“Ukuqokelwa kulesi sikhundla kuyangijabulisa kakhulu. Kuyakhombisa ukuthi ukuphathwa kwendlu yoBuholi boMdabu kuyaguquka njengoba bekungakaze kuqokwe owesifazane. Ngizoqinisekisa ukuthi izinto ezinhle ezenziwa ngabesifazane ezindaweni zamakhosi ziyaqhakanjiswa, ngiphinde ngiqinisekise ukusebenza ngokubambisana nabanye abaqokelwe kulesi,” kusho inkosi uZulu.
Inkosi uPhathisizwe Chiliza ibuyiselwe ngo-elethu ekubeni nguSihlalo ebamba ihlandla lesibili. Uphakanyiswe ngamakhosi angu-45 kwangu-46, kwathi inkosi uTembe yaphakanyiswa kanye.
Ikhuluma nabezindaba ngemva kokuqokwa, inkosi uChiliza ithe uhulumeni kumele aqinisekise ukuthi uyasebenzisana namakhosi uma enza izinhlelo zokuhlinzeka umphakathi ngentuthuko ngoba ayiso lesizwe. Iphinde yagxeka ukubulalana okudalwa ukungabekezelelani kwezepolitiki okubonakala kuqhubeka esifundazweni.
“Sithi kubaholi bamaqembu, yizwe leSilo leli, silindele ukuthi bakhulume ulimi olwakhayo. Uma kukhona ukungaboni ngaso linye emaqenjini uma sekuzoyiwa okhethweni noma ezingqungqutheleni, akungafi abantu ngoba akekho umholi oyojabulela ukuhlala kuleso azi ukuthi wachitha igazi,” kusho uChiliza.
Uthe beseka okushiwo yiMbube egxeka ukubunjwa kwamakhomishini okuthiwa aphenya ngokubulalana kosopolitiki wathi, ukubulalana kumayelana nezikhundla ngakho amaphoyisa kumele abophe abathintekayo ngoba kucacile ukuthi ubugebengu obuhleliwe.
Ukhetho belusingethwe nguSihlalo we-IEC, uMnuz Mawethu Mosery. Ukuqokwa kwalesi sigungu bekuzinyaziswe undunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni, uMnuz Ravi Pillay noMntwana uMbonisi Zulu obemele iSilo.