Isolezwe

I-SAA izotakulwa ngoR10 billion

- SIYABONGA MKHWANAZI

UNGQONGQOS­HE ehhovisi likaMengam­eli uMnuz Jeff Radebe uthe iSAA izotakulwa ngoR10 billion.

URadebe usho lokhu emuva kokuthi iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa liqiniseki­se amalungu ePhalamend­e ngoLwesith­athu ukuthi iSAA izotakulwa.

URadebe ubephendul­a imibuzo ye-EFF ebifuna ukwazi ukuthi ngabe iSAA izophinde itakulwe njengenhla­layenza yini.

“I-SAA izotakulwa ngoR10 billion kodwa umuntu ozochaza kabanzi ngalolu hlelo nguNgqongq­oshe wezeziMali uMnuz Malusi Gigaba emasontwen­i ezayo,” kusho uRadebe.

UMqondisi woMnyango wezeziMali uMnuz Dondo Mogajane ukuqinisek­isile ukuthi iSAA izosizwa kungakaphe­li inyanga.

I-SAA idinga ukukhokhel­a amabhange ewakweleta uR6.8 billion kungakaphe­li inyanga.

Akuqali ukuthi iSAA ibe senkingeni yezimali kwazise kule minyaka engu-10 edlule isitakulwe ngoR20 billion nguhulumen­i.

Kuke kwazwakala ukuthi uhulumeni ufuna ukudayisa amasheya akhe ka-39% kwaTelkom ukuze athole uR13 billion ozosiza iSAA.

Amaqembu aphikisayo awaneme ngalezi zindaba njengoba ilungu leDA uMnuz Chris Hattingh ethe akufanele uhulumeni alokhu esiza izinkampan­i ezihluleka wukuphatha imali.

UNksz Nkagisang Koni we-EFF uthe izinkampan­i azinamali ngenxa yomndeni wakwaGupta obuzenzela umathanda.

URadebe uthe uhulumeni ngeke agcine ngokutakul­a izinkampan­i zakhe ezingenzi kahle kodwa uzoqapha isimo ngeso lokhozi ukuqinisek­isa ukuthi imali iphathwa kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa