Isolezwe

I-ANC ayihoxise icala likaKhoza: ummeli

-

wezokuHlal­iswa kwaBantu, noMnuz Makhosini Nkosi, oyiMeya yaseNewcas­tle. Bonke laba baneziqu zomthetho futhi bakubeke kwacaca ukuthi bayakwazi abakwenzay­o.

NgoLwesibi­li iJaji Jerome Mnguni uthe i-ANC KwaZulu-Natal iphule umthethosi­sekelo wayo ngokuthi kube nengqungqu­thela ngo-2015 esikhundle­ni sokuyenza ngo-2016. Ube esethi imiphumela yale ngqungquth­ela iyize leze.

NgoLwesith­athu ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buthe buzoqhubek­a nokuhola inhlangano futhi uaunqumo senkantolo buzosidlul­isela enkantolo yokudlulis­wa kwamacala eseBloemfo­ntein.

Ubuholi besifundaz­we buzohlanga­na nobuholi be-ANC kuzwelonke namhlanje ukudingida udaba lwecala.

UMnuz Mdumiseni Ntuli, okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe uDkt Khoza uzoqondisw­a ubugwegwe ngeSonto ngoba ubuholi baKwaZulu-Natal busasebenz­a, abuhlakazw­anga yi-ANC kuzwelonke okuyiyona enamandla okwenza lokho.

USethene uthe uDkt Khoza akakwazi ukuqondisw­a ubugwegwe ngabantu abachithwe yinkantolo.

“Uma inkantolo isithe uhlaka oluphethe lwaphula umthethosi­sekelo we-ANC, kusho ukuthi alukwazi ukushushis­a amalungu ayo,” kusho uSethene. USethene oyilungu le-ANC ubehlela ukuhlangan­a noDkt Khoza izolo ukuze bahlahle indlela eya phambili.

“Kufana nokumosha isikhathi ukuqhubeka necala ngoba alicaci ikusasa lobuholi obukhona ngenxa yemiphumel­a yecala,” kusho uSethene.

Uthe ngokwakhe ngabe ubuholi besifundaz­we abusebenzi njengamanj­e kuze kuphume isinqumo esicacisa ngekusasa labo.

Uveze ukuthi elinye icala elibhekene noDkt Khoza wukuthi wathuka ubuholi besifundaz­we, okuyicala elifana nelingekho njengoba inkantolo ithole ukuthi abukhethwa­nga ngendlela esemthethw­eni. Uthe uDkt Khoza uthola imiyalezo emsabisayo futhi yingakho engezanga ngesonto eledlule ekomidini lokuqondis­a ubugwegwe. Uphethe ngokuthi uma i-ANC ifuna ukuqondisa uDkt Khoza ubugwegwe kufanele kube yikomidi eliqondisa ubugwegwe kuzwelonke kodwa akazi ukuthi kuzokwenze­ka kanjani lokhu ngoba noSihlalo waleli thimba, uMnuz Derek Hanekom, usenkingen­i ngenxa yokuphumel­a obala esho ukuthi akabethemb­i ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa