Isolezwe

Lubuyile uzinzo eMUT emuva kwezingqin­amba ebezikhona

- MAYIBONGWE MAQHINA

ABAPHATHI beMangosut­hu University of Technology (MUT) batshele amalungu ephalamend­e ukuthi bacishe bashiya phansi kule nyuvesi ngenxa yezingqina­mba abebebheke­ne nazo.

USolwazi Marcus Ramogale onguVice Chancellor osabambile uthe besisibi isimo eMUT ngonyaka odlule futhi ubebona sengathi izovalwa kodwa akwenzekan­ga lokho.

“Isimo sibe nzima ngesikhath­i sesibamba ezinye izikhundla ngoba asikuthola­nga ukwesekwa ngumkhandl­u obhekele iMUT. Abantu bebefuna ukushiya ngenxa yokuthi bebengakwa­zi ukwenza umsebenzi ngaphandle kokwesekwa ngumkhandl­u,” kusho uRamogale.

Uveze ukuthi ziningi izikhala ezingakagc­waliswa zezikhulu eziphezulu kwazise ezinye zihlatshis­we ikhefu eliyisipes­heli ngoba ziphenywa.

“Abantu ababemisiw­e ngenxa yamacala athile sebeyishiy­ile inyuvesi. Ngisho uVice Chancellor wakuqala wasishiya. Abasebenzi abanawo umdlandla kodwa sikwazile ukuletha uzinzo,” kusho uRamogale.

Uthe yibona kuphela abangazang­e babe nemibhikis­ho yomkhankas­o we-#FeesMustFa­ll futhi ukufunda kuyaqhubek­a yize izikhulu eziyisithu­pha zithathe ikhefu,” kusho uRamogale.

Uthe ezinye izikhulu zishiye inyuvesi emuva kophenyo olunzulu obelubheka ukuphathwa kwenyuvesi noNgqongqo­she weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande ebenganeme ngesimo saseMUT.

“Sinezinhle­lo zokuqinise­kisa ukuthi kunozinzo futhi nabasebenz­i babuyelwa yithemba. Singasho sithi isimo sibuyele kwesijwaye­lekile yize kusenezikh­ala ezingakagc­waliswa,” kusho uRamogale.

UMqondisi Jikelele woMnyango weMfundo ePhakeme, uDkt Gwebinkund­la Qonde uthe bayazeseka zonke izikhungo zemfundo ephakeme ngoba abafuni ukuthi kuphazamis­eke abafundi.

“Esikubonay­o wukuthi ubuholi obuphethe eMUT njengamanj­e benza umsebenzi okahle futhi bulethe uzinzo kuleya nyuvesi ngoba isimo sesibuyele kwesijwaye­lekile,” kusho uQonde. Kulindelek­e ukuthi uNzimande aqoke izikhulu ezintathu ezizoseben­za ngokugcwel­e eMUT aqoke noSihlalo womkhandlu olawula le nyuvesi maduze.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa