Isolezwe

USenzo Mchunu phambi kwekhomish­ini

- MHLENGI SHANGASE

OWAYENGUND­UNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu, uzothula ubufakazi kwikhomish­ini ephenya ngokubulaw­a kwabepolit­iki iMoerane Commission ngesonto elizayo.

UMchunu, owayengusi­hlalo we-ANC esifundazw­eni owakhala ngaphansi engqungqut­heleni yango2015, uzofakaza kule khomishini njengoba kuqhubeka ukubulawa kwabepolit­iki esifundazw­eni.

Akuyena kuphela uMchunu ozofakaza ngelizayo kodwa nowe-IFP neSACP bazothula ubufakazi.

UNobhala wale khomishini, uMnuz Solo Mdledle uthe uMchunu uzofakaza ngoLwesith­athu.

Uthe ngoMsombul­uko kuzofakaza abasuka oPhongolo, ngoLwesibi­li kube i-IFP bese kuthi ngoLwesine kube yiSACP.

Abazwelana noMchunu basanda kuvunwa yinkantolo enkulu eMgungundl­ovu ngokuthi ingqungqut­hela akhishwa kuyona ngezikaMnu­z Sihle Zikalala, onguSihlal­o we-ANC yayingekho emthethwen­i.

EzikaMchun­u kulindelek­e ukuthi zihlangane kule mpelasonto zihlahle indlela eya phambili njengoba zifuna kuhlakazwe isigungu sikaZikala­la.

Ikhomishin­i eholwa ngu-Advocate Marumo Moerane, yasungulwa nguNdunank­ulu uMnuz Willies Mchunu emuva kwezehlaka­lo zokubulawa kwabezombu­sazwe.

Iphenya ngezigigab­a zokubulawa kwabepolit­iki kusuka ngo-2011 kodwa noma ngubani ofuna ukufakaza ngezinto ezenzeka ngaphambi kuka2011 uvumelekil­e.

Asebethule ubufakazi kubalwa izinhlanga­no ezehlukene, Abahlali baseMjondo­lo, i-DA, osolwazi abehlukene, iSalga, izazi zamasiko, abaholi bomdabu, uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Ipid, nabalwela amalungelo omphakathi.

Kulindelek­e ukuthi ne-ANC yethule ubufakazi kule khomishini ngaphambi kokuthi kusongwe ukulalelwa kobufakazi. Umbiko wekhomishi­ni uyonikezwa undunankul­u wesifundaz­we.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa