Abafundi enkantolo ngelokusha kwesikole

Isolezwe - - IZINDABA - NONTUTHUKO NGUBANE

BAZOVELA namhlanje enkantolo yaseKranskop abafundi abayisishiyagalolunye baseSokheni High, abasolwa ngokungqongqisa isikole ngomlilo.

Laba bafundi baboshwe ngoMsombuluko ebusuku ngemuva kokushiswa kwamagumbi okufundela kulesi sikole, kwantshontshwa ama-laptop nezinye izimpahla zesikole.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe kwengezwe elinye icala lesithathu elizobhekana nabasolwa.

“Abasolwa bebebekwe icala lokushisa, elokuntshontsha manje sekwengezwe icala lokutholakala nempahla eyebiwe. Abasolwa bazovela kusasa (namhlanje) enkantolo,” kusho uZwane.

Kulesi sikole akufundwa ngemuva kwalesi sigameko. Kuthiwa abafundi bebekhala ngokungakhiwa kwamagumbi amasha okufundela, ukuhlinzekwa ngezokuthutha, befuna nokudla kwasekuseni uma befika esikoleni.

Namhlanje kulindeleke ukuthi kube nomhlangano ohlanganisa zonke izinhlaka okubalwa kuzo abazali, abafundi, othisha noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.