Imidanti ngemvunulo
UKUHAMBISA ngesitayela nemfashini kunomthelela ekuphambaniseni imvunulo, okuthiwa ngokwesiZulu ibigqokwa ngokwezigaba zokukhula nobulili.
Njengoba kuyinyanga yamagugu, idla lubi imvunulo emicimbini eminingi, izazi ezikhala ngokuthi isigqokwa noma yikanjani.
UDkt Nomagugu Ngobese weNomkhubulwane Culture and Youth Development, uthe abantu abasayihloniphi imvunulo kodwa sekwande ukuswenka ngayo.
Uthe umuntu usegqoka noma yini ngoba eyithanda ekubeni imvunulo ihamba ngokwezigaba zayo.
Ulinganise ngentombi, athe akumele igqoke noma yibuphi ubuhlalu.
“Intombi nto ivunula ngobuhlalu obumhlophe. Ayidingi lutho olunye ngoba ibhinca bona ubuhlalu. Ayifaki lutho ekhanda uma ingeyona ingoduso. Ingoduso ibhinca ubuhlalu obumhlophe, obunye ibufake ekhanda nebhande lobuhlalu phezu kwamabele ukuhloniphisa,” echaza.
Uthe uke wakhumulisa umama ubuhlalu obumhlophe ngoba bekukhombisa ukuphoxa izintombi. Uyavuma ukuthi abanye benziwa ukungazi bese begqoka noma yikanjani. Uthe ongaseyona intombi angabugqoka obuxube imibala.
“Imvunulo isiyinhlekisa ngoba uye uthole ngisho intombi igqoke umqhele, abanye bagqoke ngisho amabheshu okuyimvunulo yabesilisa. Intombi ayisondeli esidwabeni esigqokwa umama oshadile nesicholo. Isidwaba siyinhlamba entombini ngoba akumele ngisho igqoke iphenti uma ivunulile,” kusho uDkt Ngobese.
Echaza ngemvunulo yabesilisa uMnuz Madoda Zungu oyisazi samasiko, uthe yize eyabo ingahlukani kakhulu, nakhona ihamba ngokwezigaba. Uthe uma owesilisa evunule waphelela ugqoka ibheshu ngemuva, isinene ngaphambili bese efaka umncwedo ofihla ubuntu bakhe.
“Le mvunulo ayidingi umcimbi othize kodwa ungavunula ngayo noma yinini. Akulona ihlazo ukubona izinqe zensizwa uma ivunulile ngoba bekuvele kunjalo nakudala,” kuchaza uZungu.
Mayelana nokugqoka ekhanda, uthe kuyahlukana ngoba insizwa ebuthiwe ayigqoki okufanayo nezinye. Uthe insizwa ebuthiwe igqoka isicoco, ukwakhiwa kwaso okuhlukana ngokwebutho ekulo. Uthe umqhele owakhiwe ngesikhumba ugqokwa ngabesilisa bonke.
“Insizwa igqoka amadavathi emaqakaleni nezihlakalo ezingalweni kodwa lokhu kusuke kuwukuhloba nje okungaphoqiwe. Okubalulekile ukuthi akunoma ubani ogqoka imbatha lengwe ngoba yiSilo kuphela esiligqokayo. Insizwa ingagqoka imbatha elakhiwe ngesinye isikhumba.”
Umsiki wengqephu odume ngemisiko yobuhlalu uWanita KaNgcobo osanda kugqokisa uSomizi Mhlongo ingubo yobuhlalu uthe: “Ubuhlalu abusagqokwa kuphela ngabesifazane njengasendulo kodwa nabesilisa bayabuthanda. Ngiyazi ngokwesintu ubuhlalu bunemiyalezo ehlukile kodwa amakhasimende azikhethela imibala ayithandayo,” kusho uWanita.
Uthe akayiboni inkinga ngemidanti yemvunulo akusalindwa isikhathi esithize ukuvunula.