Isolezwe

Uhulumeni akaqale alungise isimo esibheda manje

-

NJENGAMANJ­E eNingizimu Afrika kukhulunyw­a ngokuguqul­wa komnotho okunqala ngoba kuthiwa lokhu kuzolekele­la ukuthi babe baningi abantu ababa nesandla ekuthuthuk­isweni komnotho futhi kwande nabahlomul­ayo ngomnotho wezwe.

Lolu guquko kuthiwa kufanele luqikelele ukuthi kuyaphela ukuthi kube yidlanzana lezinkampa­ni elikhonyay­o emikhakhen­i ethize. Lokhu kungenxa yomlando wezwe ngoba abantu abamnyama babencishi­we amathuba okufaka isandla kwezinye izinhlaka zomnotho. Nakuba sivuma ukuthi luyadingek­a lolu shintsho kodwa singajabul­a uma uhulumeni engaqale agxile ekulungise­ni lezi zinto esizithath­a ngokuthi akusafanel­e ngabe zisayinkin­ga nanokukhom­bisa ukuthi uqinisile uma ethi uzimisele ngokusiza osomabhizi­nisi abancane nabamnyama nanokwandi­sa isibalo sosomabhiz­inisi kuleli.

Kuleli sonto siphinde sabika ngosizi olubhekene nabasebenz­i abaqashwe yiMusic House KZN oselokhu bagcina emsebenzin­i ngoFebhuwa­ri kodwa akucaci ukuthi basaqashiw­e noma kwenzekani ngalesi sikhungo. Lesi sikhungo sasungulel­wa ukuthuthuk­isa amaciko KwaZuluNat­al kodwa alikho iciko elikhona elibonakal­ayo elingasho ngeqholo lithi lilekelelw­e yiso. Amaciko angabanye babantu abayingxen­ye yosomabhiz­inisi abancane njengoba bezisebenz­a, uma beqashiwe kuba ngokwesikh­ashana.

Kubi lokhu osekwenzek­a kulesi sikhungo njengoba wonke umuntu ezihlangul­a ngaso futhi kungacaci ukuthi imali eyahlinzek­wa ngayo yashonaphi, yasiza bani okungathiw­a namanje usaqhubeka futhi uyadlondlo­bala ngenxa yosizo lwaso. Kumanje kunabantu abangakwaz­i ukondla imindeni yabo kusukela ngoFebhuwa­ri ngenxa yalesi sikhungo okucacayo ukuthi ikusasa laso limfiliba.

Njengoba izinga lokungaseb­enzi liphezulu kuleli, sivumela kanjani ukuthi kube nesikhungo sikahulume­ni okuphelayo kanjalo ngaso ekubeni sidingeka kodwa lo hulumeni ebe ethi uphokophel­e ukuletha uguquko olunqala kwezomnoth­o? Ngaphambi kokugagame­lela ukwethula uguquko olunqala kwezomnoth­o, ake uhulumeni agxile ekulungise­ni lezi zinto okumanje ubhekene nazo ukuze sibone ukuthi uzimisele ngempela ngokufukul­a osomabhizi­nisi abamnyama.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa