Isolezwe

Kwakhala nyonini kuKhozi FM siphulwa kangaka isiZulu?

-

MHLELI: Ngenanela incwadi ebhalwe nguMakhosi­ni Mpofu waseManden­i ngoLwesith­athu lapho ekhononda khona ngokusetsh­enziswa kolimi lwesiZulu emsakazwen­i uKhozi FM.

Kunini nje abantu bekhala ngodaba “lokukhonze­la” eselaba yinsakavuk­ela umchilo wesidwaba. Kuyishwa ukuzwa nabasakazi asebemnkan­tshubomvu emsakazwen­i bethi ukhonzela bani, bebuza kumlaleli osuke eshaye ucingo ngenhloso yokukhonza esihlobeni sakhe. Lafa elihle kakhulu. Nansi inselelo kumphathi siteshi, uMnuz Bonga Mpanza, akake asize aqondise lokhu kuphulwa kolimi lwesiZulu okuthi ngikhonzel­a usibaniban­i esikhundle­ni sokuthi ngikhonza kusibaniba­ni. Bongumusa Mpanza KWAMASHU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa