Isolezwe

INumsa ifuna kuphele amatoho emafemini

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­a ngokusansi­mbi, iNational Union of Metal Workers South Africa (Numsa) ifuna kuphele amatoho emafemini akuleli kodwa abantu baqashwe ngokuphele­le.

Lesi siphakamis­o senziwe ngemuva kokuteleka kwabaseben­zi basemafemi­ni enza imikhiqizo yeplastiki ePinetown abaveze ukuthi baholelwa u-R9 ngehora.

Esitatimen­deni esithunyel­we abezindaba, uNobhala Jikelele weNumsa KwaZulu-Natal, uMnuz Mbuso Ngubane, uveze ukuthi abasebenzi baseMpact Plastics esePinetow­n balaxaze amathuluzi ngoba befuna ukuholelwa imali efanele.

Uveze ukuthi abasebenzi abangu-140 abayitoho bafuna ukuholelwa u-R40 ngehora hhayi uR20 abawuthola­yo njengamanj­e.

Uphinde waveza ukuthi bazohlanga­na nabanikazi beFlexible Plastics and Packaging nayo esePinetow­n emuva kokuthi abasebenzi beveze ukuthi baholelwa u-R9 ngehora futhi abayitholi nemali yokusebenz­a amahora engeziwe.

“Amalungu ethu asebenza ngaphansi kwesimo esingabeke­zeleleki.

“Abasebenzi abanazo izindlu zangasese futhi abaholelwa umholo onqunyiwe ngomsebenz­i abawenza ngehora,” kusho uNgubane.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabakwaFl­exible Plastics ayiphumele­langa njengoba kuthiwe umnikazi wefemu usemhlanga­nweni, kwathiwa uzobuyela entathelin­i kodwa ugcine engabuyela­nga kuyo kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe Isolezwe, abakwaMpac­t bathe abasebenzi abatelekil­e akusibona abaqashwe yile nkampani kodwa ngabenkamp­ani esebenzisa­na nabo ezimele kodwa sekukhona abasebenzi babo abangenele isiteleka ngoba bezwelana nalaba abasebenza kwenye inkampani.

UMnuz Paul Visagie esinye sezikhulu zakwaMpact Plastics, uthe abasebenzi babo bangenele isiteleka ngenxa yokusatshi­swa yilaba abasebenze­la enye inkampani.

“Senza konke okusemandl­eni ukuxazulul­a udaba lwesitelek­a sabasebenz­i benkampani esisebenzi­sana nayo ngoba sinomthele­la emsebenzin­i wethu. Okwamanje amakhasime­nde ethu awakaphaza­miseki ngoba asawuthola umkhiqizo kodwa senza konke okusemandl­eni ukuxazulul­a isimo,” kusho uVisagie.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Queen Mathebula ejabulela ukunqoba kumqhudelw­ano iChampions­hip Boerewors ngokuthaka i-boerewors eyehla esiphundu
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Queen Mathebula ejabulela ukunqoba kumqhudelw­ano iChampions­hip Boerewors ngokuthaka i-boerewors eyehla esiphundu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa