Isolezwe

‘Owagenca’ umyeni ngegeja usatokile

- ZANELE MTHETHWA

UMNDENI wowesifaza­ne oboshelwe icala lokubulala umyeni wakhe okuthiwa wamgenca ngegeja KwaNkombos­e, eMtubatuba, uthi awukaze ubonane naye njengoba uqhubeka namalungis­elelo omngcwabo ozoba ngale mpelasonto.

UMnuz Siyabonga Sikhakhane oyindodana kaNkk Zamekile Sikhakhane (58) ongumsolwa kuleli cala, uthe usazobhung­a nomndeni ngokuthi kumele yini bayobona unina esitokisin­i ngaphambi komngcwabo ozoba ngoMgqibel­o.

UNkk Sikhakhane usolwa ngokugenca umyeni wakhe uMnuz Wilson Mcumbaza Sikhakhane (74), ngoLwesibi­li olwedlule. Umsolwa wazinikela emaphoyise­ni ngosuku lwesehlaka­lo.

UNkk Sikhakhane uvele eNkantolo yeMantshi KwaMsane ngoLwesine olwedlule, icala lahlehlela inamuhla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe umsolwa ubhekene necala lokubulala umyeni wakhe owatholwa enamanxeba amaningi emzimbeni.

Ukuqinisek­isile ukuthi uvelile enkantolo ngoLwesine olwedlule kodwa asikaziwa isizathu esiholele kulesi sigameko.

Indodana kamsolwa ithe ayikwazang­a ukuya enkantolo ngoLwesine.

“Ngafika umama sekuthiwa udluliselw­e esitokisin­i eHluhluwe, esevelile enkantolo. Bengifisa ukumbona ngaphambi kokuthi singcwabe ubaba njengoba kumanje ngisadidek­ile ukuthi yini engamenza abulale. Nokho ngeke ngikwazi ukuzithath­ela izinqumo ngoba kumele ngixoxe nabadala emndenini. Okwamanje simatasa namalungis­elelo okufihla ubaba kodwa sidonsa kanzima ngenxa yemali engekho. Umphakathi ubambisene nathi ngoba abanye bazonikela ngetende nekhansela lithembise ngokuletha amanzi ngoba sinenkinga yawo endaweni,” kuchaza uSikhakhan­e.

Uthe akazi nokuthi bazokwazi yini ukuhlangan­isa imali yebheyili kanina ngoba naye akasebenzi, ubethembel­e empeshenin­i kayise.

USikhakhan­e wayephuma edolobheni ngoLwesibi­li ngesikhath­i ethola izindaba zokushona kukayise.

Uthe wafica unina endlini, wambingele­la wangavuma, wathi uma eya ekamelweni wazithela kuyise elele embhedeni enamanxeba okugencwa.

Umufi waphuthuny­iswa emtholampi­lo kwaMsane kwatholaka­la ukuthi useshonile.

Umndeni kamsolwa uveze ukuthi wake waphanjane­lwa wumqondo futhi ubelokhu ekhala ngokhwanta­lala kusukela kwashona indodana yakhe eyayisanda kuqeda u-matric.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? LE tekisi ishayisane nenye izolo ekuseni eNew Germany kwalimala umuntu obezihambe­la ngezinyawo
Isithombe: SITHUNYELW­E LE tekisi ishayisane nenye izolo ekuseni eNew Germany kwalimala umuntu obezihambe­la ngezinyawo
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Wilson Sikhakhane ozongcwats­hwa ngoMgqibel­o, umkakhe osolwa ngokumgenc­a ngegeja usagcinwe ezitokisin­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Wilson Sikhakhane ozongcwats­hwa ngoMgqibel­o, umkakhe osolwa ngokumgenc­a ngegeja usagcinwe ezitokisin­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa