Bakhathazekile ngowanyamalala eyozijabulisa nabangani
UKHATHAZEKILE umndeni wendoda yaseLamontville, eThekwini, eyahamba ekhaya iyozijabulisa nabangani yangabe isabuya ekhaya.
UMnuz Thamsanqa Wonderboy Jaca (38) wayevakashele eMorningside, eThekwini, nabangani bakhe kukhona nomfowabo beyozijabulisa ngo-Agasti 27 nonyaka.
Kuthiwa sekumele babuyele emakhaya, uJaca wahamba nomngani wakhe kodwa akazange afike ekhaya.
UMnuz Siyabonga Vumase ongumfowabo kaJaca uthe okubakhathaza kakhulu wukuthi umngani wakhe uthi akakhumbuli kwenzakalani.
“Sikhathazeke kakhulu ngoba asazi ukuthi sizoqala kephi ukubheka umfowethu njengoba umngani wakhe ahamba naye ethi akakhumbuli lutho okwenzeka esuka eMorningside aze afike kubo eLamontville,” kusho uVumase.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe icala livuliwe, uyathungathwa uJaca.
“Ngokolwazi esilutholile uJaca wagcinwa egqoke isikhindi esigrey nesikibha esi-silver grey,” kusho uZwane.
Kunxuswa noma ubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kutholwe uJaca ukuba bathinte u-Warrant Officer Lucky Mkhize ku- 064 291 9270 noma ku-031 405 7010.
Kungasetshenziswa nenombolo yamahhala yokulwisana nobugebengu ethi 08600 10111.