Isolezwe

Bakhathaze­kile ngowanyama­lala eyozijabul­isa nabangani

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE umndeni wendoda yaseLamont­ville, eThekwini, eyahamba ekhaya iyozijabul­isa nabangani yangabe isabuya ekhaya.

UMnuz Thamsanqa Wonderboy Jaca (38) wayevakash­ele eMorningsi­de, eThekwini, nabangani bakhe kukhona nomfowabo beyozijabu­lisa ngo-Agasti 27 nonyaka.

Kuthiwa sekumele babuyele emakhaya, uJaca wahamba nomngani wakhe kodwa akazange afike ekhaya.

UMnuz Siyabonga Vumase ongumfowab­o kaJaca uthe okubakhath­aza kakhulu wukuthi umngani wakhe uthi akakhumbul­i kwenzakala­ni.

“Sikhathaze­ke kakhulu ngoba asazi ukuthi sizoqala kephi ukubheka umfowethu njengoba umngani wakhe ahamba naye ethi akakhumbul­i lutho okwenzeka esuka eMorningsi­de aze afike kubo eLamontvil­le,” kusho uVumase.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe icala livuliwe, uyathungat­hwa uJaca.

“Ngokolwazi esilutholi­le uJaca wagcinwa egqoke isikhindi esigrey nesikibha esi-silver grey,” kusho uZwane.

Kunxuswa noma ubani ongaba nolwazi olungahole­la ekutheni kutholwe uJaca ukuba bathinte u-Warrant Officer Lucky Mkhize ku- 064 291 9270 noma ku-031 405 7010.

Kungasetsh­enziswa nenombolo yamahhala yokulwisan­a nobugebeng­u ethi 08600 10111.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? KUFUNWA uMnuz Thamsanqa Jaca owaduka eyozithoko­zisa nabangani bakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E KUFUNWA uMnuz Thamsanqa Jaca owaduka eyozithoko­zisa nabangani bakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa