Isolezwe

Kulimale oyedwa kushayisan­a amatekisi

- INTATHELI YESOLEZWE

KULIMALE indoda eneminyaka elinganise­lwa kwengu-20, izolo ekuseni ngesikhath­i kushayisan­a amatekisi amabili ekhoneni lomgwaqo uFreese noPosselt, eNew Germany.

Le ndoda okuthiwa ibihamba ngezinyawo ngesikhath­i kwenzeka le ngozi kuthiwa itholwe ilele eceleni komgwaqo.

UNksz Annine Siddall wakwaER24 uthe le ndoda inikwe usizo oluphuthum­ayo endaweni yesigameko.

Uthe le ndoda ibilimele emlenzeni nasemhlane kanti iphuthunyi­swe esibhedlel­a eRK Khan.

UNksz Siddall uthe abashayeli bamatekisi balimale kancane kanti nabo baphuthuny­iswe esibhedlel­a. Kulawa matekisi bebengekho abagibeli.

Khonamanja­lo, kulimale owesifazan­e oneminyaka engu-44 ngemuva kokushayis­wa yitekisi eduze komgwaqo u-Alpine eSpringfie­ld izolo ekuseni.

UNksz Siddall uthe abezimo eziphuthum­ayo bafike endaweni yesigameko owesifazan­e elele eduze kwetekisi.

Lo wesifazane kuthiwa ubelimele umgogodla naseqolo kanti uphuthunyi­swe esibhedlel­a e-Addington.

Umshayeli wetekisi okuthiwa ibinezinga­ne zesikole ezingu-14 kuthiwa akalimalan­ga kodwa izingane ziphuthuny­iswe esibhedlel­a ukuze ziyobhekwa ukuthi azilimele yini nokuthi zithole ukweluleke­lwa ukuthuka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa