UKatsande unesifiso sokugugela kwiChiefs

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

UGANDAGANDA weKaizer Chiefs, uWillard “Salt And Vinegar” Katsande, unesifiso sokugugela kuleli qembu asebone kulona izinsuku ezimnandi nezibuhlungu.

UKatsande waseZimbabwe udlale umdlalo ka-200 ngesikhathi Amakhosi ehlula iCape Town City ngo 2-0 kowe-Absa Premiership eCape Town Stadium ngoLwesithathu ebusuku. Ufike kwiChiefs ngo-2011 esuka kwi-Ajax Cape Town.

Wafika enengcindezi yokuvala isikhala esasivuleke ngemuva kokuhamba komkhaya wakhe uTinashe Nengomasha. UKatsande ungomunye wabadlali abebehlala begqamile kuMakhosi kumasizini amabili edlule phezu kokuba leli qembu lingawinanga neyokubika indebe ngaphansi kukaSteve “Mphathi” Komphela. Ubekhona ngesikhathi iChiefs iwina isicoco seligi kabili nezinye izindebe ngaphansi kukaStuart Baxter.

“Uma ngibheka emuva lapho ngiphuma khona, angikholwa. Ngibonga umndeni weKaizer Chiefs, abalandeli, ozakwethu, abaqeqeqeshi abakhona nabangasekho ngokunginika ithuba nokukholelwa kimina,” kusho uKatsande.

KwiChiefs, inkakha uDoctor Khumalo iyona ephethe irekhodi lomdlali odlale imidlalo eminingi ngewu-497. UNengomasha washiya esedlale engu-261 eminyakeni engu-10 ayihlale eNaturena. Abanye ababheke ukuphula irekhodi likaKhumalo nguSiphiwe Tshabalala no-Itumeleng Khune asebedlaleengaphezu kuka-300 emunye.

Ebuzwa uKatsande ukuthi ucabanga usazodlala eminye imidlalo engu-200 uthe: “Lokho kuyisifiso sami kodwa angifuni ukuzifaka ingcindezi, ngifuna ukuthokozela wonke umdlalo engiwudlalayo. Sizobona ukuthi ngingahamba ibanga elingakanani. Kodwa okwamanje konke kungeqembu, hhayi umuntu oyedwa.”

Ukuwina kweChiefs ngoLwesithathu akubuzwa ukuthi kwehlise ingcindezi kuKomphela osenuka iqaqa kubalandeli.

“Besazi ukuthi kuzoba nzima ukudlala neCape Town City ngoba isefomini Uma ubheka umlando wethu lapha eKapa awumuhle ngoba sigcine ukuwina khona ngo-2014 ngoOkthoba sibhekene ne-Ajax. Kuleyo sizini sigcine siwine iligi. Ukuwina kuzosigqugquzela ngoba uma ubheka indlela ebesidlala ngayo emidlalweni emithathu edlule koweMTN 8 nemibili yeligi, besidlala kahle kodwa umehluko bekuwuqedela amathuba esiwakhayo, nesikwazile ukukwenza namuhla. Okunye sidinga ukuncoma udonga lwasemuva ngoba besihlala singenelwa amagoli ngesiwombe sokuqala. Lokhu kusho ukuthi besisebenza kanzima ngekhefu leFifa.”

Amakhosi anyukele endaweni yesi-9 ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emithathu. Azodudulana neBidvest Wits koweligi e-FNB Stadium kusasa ngo-6pm. IZitshudeni kuzihambeli kahle selokhu kuqale isizini.

Isithombe: BACKPAGEPIX

UMDLALI weCape Town City u-Ayanda Patosi (ophakathi) ehlanganiselwe uWiseman Meyiwa noWillard Katsande beKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership eCape Town Stadium, eKapa, ngoLwesithathu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.