UDavids nezinguquko koweBucs

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UZOKWENZA inqwaba yezinguquko umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids, ezakhe ezizobhekana ne-Orlando Pirates namuhla ngo-8 ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu emdlalweni we-Absa Premiership.

NgoLwesibili iTeam of Choice idlale ngokulingana ngo-1-1 naMaZulu FC emdlalweni weligi eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IPirates neTeam of Choice babambene ngamaphuzu ayisikhombisa ngemuva kwemidlalo emithathu esicongweni.

ITeam of Choice iyona ehlezi esicongweni ngenxa yomehluko wamagoli ongcono kunowePirates. IBucs iyibambe endaweni yesibili.

UDavids exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo weTeam of Choice noSuthu ukubeke kwacaca ukuthi uzokwenza inqwaba yezinguquko emdlalweni wezakhe nePirates.

“Kumele ngenze izinguquko eziyisishiyagalombili noma eziyisishiyagalolunye ukuze sidlale ngabadlali abasesimweni esihle. Sesidlale imidlalo emithathu ezinsukwini eziyisithupha. Ngemuva kwalo mdlalo sizophinde sibhekane nesimo esifanayo ngaphambi kokuthi kuyiwe kwelinye ikhefu leFifa. Asikwazi ukudlala ngeqembu elifanayo masonto onke.

“Kumele senze izinguquko. Sinabo abadlali abangakwazi ukungena benze umehluko. Sinenqwaba yabadlali abenza kahle eqenjini lethu leMultiChoice Diski Challenge. Abathathu kulaba bafana beDiski bazodlala emdlalweni wePirates,” kusho uDavids.

ITeam of Choice izodlala ngaphandle kweziqongqwane zayo uBevan Fransman, olimele, noBrian Onyango obekade ehlaliswe wukulungisa indaba yemvume yokusebenza eNingizimu Afrika ngaphambi kokulimala edlalela iqembu lesizwe laseKenya.

Umqeqeshi wePirates, uMilutin Sredojevic, uthe ufuna iqembu libhekane nomdlalo ngamunye ukuze ligcine libuyele kwelaziwa ngakho.

Ubekhuluma ngemuva kokwehlula i-Ajax Cape Town ngo1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku. “Sifuna ukwenyusa izinga umdlalo nomdlalo. Sifuna nendlela yethu yokudlala ihambisane neqembu eselineminyaka engu-80 laba khona. Into enhle ngebhola wukuthi liyakwazi ukujabulisa izinkumbi zabalandeli. Yilokho esizimisele ngakho. Ukwenyusa izinga lokudlala yikhona okusemqoka kuhambisane nemiphumela emihle ukuze silethe injabulo kubalandeli bethu. Sizobona ukuthi lokho kusibeka kuphi,” kusho uMicho kuSS4.

Enye yezinto aveze ukuthi zisamkhathaza ngeqembu lakhe wukuhluleka ukuqeda ngezitha ngokushaya amagoli anele.

Ngesizini edlule umlenze waseMgungundlovu unqotshwe iTeam of Choice ngo-2-1. IPirates yadlula ngo-2-0 ekhaya.

Khonamanjalo uTebogo Moloi uzobamba okwesikhashana kwiChippa United kulandela ukuxoshwa kukaDan Malesela.

Maritzburg United v Orlando Pirates (Harry Gwala Stadium, 8pm); Ajax Cape Town v Polokwane City (Cape Town Stadium, 8pm)

Baroka FC v Free State Stars (Peter Mokaba Stadium, 3pm); Kaizer Chiefs v Bidvest Wits (FNB Stadium, 6pm); Platinum Stars v Chippa United (Royal Bafokeng Stadium, 8.15) Golden Arrows v AmaZulu FC (Princess Magogo Stadium).

Isithombe: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weMaritzburg United uFadlu Davids uthembise ukuthi uzokwenza ushintsho olukhulu eqenjini uma sebebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership eHarry Gwala Stadium, eMugungundlovu, namuhla ebusuku

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.